Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:17 - IsiZulu 2020

17 Kuyakuba khona isililo nasezivinini zonke, ngokuba ngiyakudabula phakathi kwenu,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 nakuzo zonke izivini kuyakuba khona ukukhala, ngokuba ngiyakudlula phakathi kwakho,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Zonke izivini ziyakukhala, ngokuba ngiyakudabula phakathi kwakho,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:17
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UMose wathi: “Usho kanje uSimakade: ‘Phakathi kwamabili ngizodabula kulo lonke iGibhithe.


“ ‘Ngokuba ngiyokwedlula eGibhithe ngalobo busuku, ngibulale wonke amazibulo eGibhithe, awabantu nawezilwane, ngibehlulele bonke onkulunkulu baseGibhithe: nginguSimakade.


Ngokuba uSimakade uzokwedlula ashaye iGibhithe, kuyothi lapho ebona igazi emakhothameni nasezinsikeni zeminyango, uSimakade awedlule lowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba eze ezindlini zenu ukuba abhubhise.


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini yezithelo, akusahlatshelelwa maculo; ezivinini akusamenyezwa, abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngikuqedile ukumemeza.


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini, nasezweni lakwaMowabi. Ngalenza laphela iwayini ezikhamweni; akusayukunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.


“Niyakukwazi-ke ukuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. IJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayukudabula futhi kulo.


Usho kanje uSimakade: “Noma benamandla, futhi bebaningi, kodwa bayakuqothulwa bashabalale, nakuba ngikuhluphile, kepha ngeke futhi ngisakuhlupha.


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.


Ngiyakuyivikela indlu yami, ukuze kungabi bikho mabutho adlulayo nabuyayo; akusayukudlula mcindezeli kubo, ngokuba manje sengizibonele ngawami amehlo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ