Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:14 - IsiZulu 2020

14 “Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, uyakuba nani uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, njengoba nani nishilo kanjalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile, abe nani uJehova uNkulunkulu Sebawoti kanjalo, njengalokhu nisho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Funani okuhle, hhayi okubi, ukuze niphile; kanjalo iNkosi, uNkulunkulu Sebawoti, ibe nani, njengalokho nikhulumile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:14
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.


UDavide wayesethi kuSolomoni, indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, wenze lokhu. Ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uSimakade uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe. Akayukukuyeka, akayukukushiya, uze uphele wonke umsebenzi wokwakha le ndlu kaSimakade.


u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


USimakade Wamabandla unathi, uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela


Nina enithanda uSimakade kuzondeni okubi, Yena olondoloza imiphefumulo yabathembekile, abasindise ezandleni zezikhohlakali.


Wathi: “Ngizokuba nawe. Lesi kuyakuba yisibonakaliso sokuthi ngikuthumile: uma usubakhiphile abantu eGibhithe, niyakumkhonza uNkulunkulu kule ntaba.”


Ofuna okuhle ufuna okwamukelekayo, kepha ofunisisa okubi kuyakumehlela.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okungenelisiyo na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Cebani icebo, kodwa lizobhuntsha; bophani izwi libe linye, kodwa alinakuphumelela, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Bangahambisana yini abantu ababili uma bengavumelananga na?


Funani uSimakade, niphile, kungenjalo uyakumemetheka njengomlilo endlini kaJosefa, ungqongqise, kungabi bikho owucimayo eBhethele.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Wena muntu, uSimakade ukutshelile ukuthi kuyini okuhle, nokuthi uSimakade ufunani kuwe, ukuthi wenze ubulungiswa, uthande ukwethembeka, uhambe ngokuthobeka kanye noNkulunkulu wakho.


Funani uSimakade nina nonke enithobekileyo bomhlaba, nina enenze izehlulelo zakhe, funani ukulunga, nifune ukuthobeka, mhlawumbe niyakukhoseliswa ngosuku lolaka lukaSimakade.


Bahlanganyela uMose no-Aroni, bathi kubo: “Sekwanele, yonke inhlangano ingcwele, futhi uSimakade uphakathi kwayo; niziphakamiselani phezu kwenhlangano kaSimakade na?”


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Kodwa funani kuqala umbuso wakhe nokulunga kwakhe, yikhona konke lokhu kuyakwenezelelwa kinina.


Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ