Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 5:11 - IsiZulu 2020

11 “Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kusukela lapho ninyathela ompofu, nithatha isithungu senu, nakhe izindlu zamatshe abaziweyo, kepha aniyikuhlala kuzo; nitshale izivini ezithandekayo, kepha aniyikuphuza iwayini lazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 5:11
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba ubacindezele, wabalahla abampofu, udle indlu angazange ayakhe.


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini yezithelo, akusahlatshelelwa maculo; ezivinini akusamenyezwa, abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngikuqedile ukumemeza.


Bayakuwuphanga umcebo wakho, bayithathe njengempango impahla yakho ohweba ngayo. Bayakuzibhidliza izingange zakho, badilize izindlu zakho ezinhle, balahle amatshe akho, imithi yakho, nemfucuza yakho emanzini.


Ngokuba nizisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle,


Isibuya nesikhamo sewayini akuyukubondla, newayini elisha liyakumdumaza.


nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Israyeli, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathengise olungileyo ngesiliva, nompofu ngezimbadada ezimbili.


Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi, bachezukisa abathobekileyo endleleni; indodana noyise baya entombini, kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.


Ngiyakubhidliza indlu yasebusika neyasehlobo, kushabalale izindlu ezihlotshiswe ngophondo lwendlovu, kudilike izindlu eziningi,” kusho uSimakade.


Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.”


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Ngokuba bhekani, uSimakade ukhipha umyalo, uyakushaya indlu enkulu ibe yizimvithi, nendlu encane ibe yimfucumfucu.


Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,


Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo, niqede nya abasweleyo bezwe,


Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli, bakhe kabusha imizi ebiyincithakalo, bahlale kuyo; bayakutshala izivini, baphuze iwayini lazo, balime izivande, badle izithelo zazo.


Ngiyakwenza iSamariya libe yindunduma yemvithi yasendle, libe yindawo yokutshala imivini. Ngithululele amatshe alo esigodini, ngivumbulule izisekelo zalo.


Bafisa amasimu, bawaqhwage, nezindlu bazithathe, bacindezele indoda nabendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


“Uyakutshala, kodwa ungavuni; uyakugxoba iminqumo, kepha ungazigcobi wena ngamafutha, ukhame izithelo zomvini, kodwa wena ungaliphuzi iwayini.


Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo zibe yincithakalo. Bayakukwakha izindlu, kodwa abayukuhlala kuzo, bayakutshala izivini, kepha abayukuliphuza iwayini lazo.


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


“Uyakuthembisana umendo nowesifazane, omunye amdlwengule alale naye; uyakukwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.


Kepha nina nimehlisa isithunzi ompofu. Abacebileyo kabanicindezeli yini, banihudulele ezigcawini na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ