Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 4:8 - IsiZulu 2020

8 Imizi emibili noma emithathu yadiyazela, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; nakuba kunjalo kepha anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwase kuhamba imizi emibili noma emithathu, yaya komunye umuzi ukuyophuza amanzi, kodwa ayaneliswanga; kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho imizi emibili noma emithathu yazulazula emzini owodwa ukuyophuza amanzi; kepha abasutha; nokho aniphendukela kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 4:8
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ahabi wathi ku-Obhadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singabufumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi, izilwane zingabhubhi.”


ama-Aramu ngasempumalanga, namaFilisti ngasentshonalanga, bamsobozela u-Israyeli ngemilomo yabo. Phezu kwakho konke lokho, ulaka lukaSimakade alukabohli, isandla sakhe sisashaya.


Ngibone into embi kubaphrofethi baseJerusalema; bayaphinga, bahamba ngobuqili, bakhuthaza abenza okubi ukuze kungaphenduki muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nezakhamuzi zakhona zinjengeGomora.”


Yingakho-ke izihlambi zinqandiwe, nemvula yakamuva ingabangabikho. Nokho ubunesibindi sobufebe, wenqaba ukuba namahloni.


Ngangicabanga ukuthi emva kokwenza zonke lezo zinto, uzobuyela kimi, kodwa akabuyanga. Nodadewabo uJuda okhohlisayo, ukubonile lokho.


Simakade, kanti amehlo akho awafuni lona yini iqiniso na? Ubashayile, kodwa abadabukanga, ubaqedile, kepha balile ukwemukela ukuyalwa; ubuso babo babenze balukhuni ukwedlula itshe, benqaba ukuphenduka.


“Abayukubuyela eGibhithe, i-Asiriya libe yinkosi yabo, njengoba benqaba ukuphenduka na?


Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho.


“Mina nganilethela indlala kuyo yonke imizi yenu, nokuntula isinkwa kuzo zonke izindawo zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Uyakudla, kodwa ungasuthi, uyakubhekana nendlala, uthathe kodwa ungakulethi endaweni ephephileyo, noma yini oyiletha endaweni evikelekile, ngiyakuyinikela enkembeni.


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ