Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 3:9 - IsiZulu 2020

9 Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Zwakalisani ezindlini zamakhosi zase-Ashidodi, nasezindlini zamakhosi zasezweni laseGibithe, nithi: “Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone izidumo ezinkulu eziphakathi kwalo, nokucindezelwa okukulo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lazisani ezindlini zobukhosi zase-Ashidodi nasezindlini zamakhosi ezweni laseGibithe, nithi: ‘Buthanani ezintabeni zaseSamariya, nibone isiyaluyalu esiphakathi kwabo nabacindezelweyo phakathi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 3:9
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.


Siyozitholela yonke ingcebo eyigugu, sigcwalise izindlu zethu ngempango,


Owesifazane onomusa uzuza udumo, kodwa izidlova zizuza ingcebo.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Uyobuye utshale izivini ezintabeni eSamariya; abatshali bayozitshala, babuye badle izithelo zazo.


“Memezelani eGibhithe, nimemezele eMigidoli; yenzani isimemezelo eNofi naseThahiphanesi, nithi: ‘Sukumani, nime ngomumo, ngokuba inkemba izodla nxazonke zakho.’


“Memezelani, nihlabe umkhosi phakathi kwezizwe, niphakamise ibhanela, nikumemezele lokhu ningakufihli, nithi: ‘IBhabhele liyakunqotshwa, uBheli athelwe ngehlazo, uMerodakhi abhujiswe, izithombe zalo zithelwe ngehlazo, imifanekiso yalo ibhujiswe.’


“ ‘ “Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuhluma amagatsha, nithelele abantu bami izithelo, ngokuba sekuseduze ukuba babuye.


Ngiyakubenza babe yisizwe esisodwa ezweni, ezintabeni zakwa-Israyeli, kube nenkosi eyodwa eyakubabusa bonke, bangabe besaba yizizwe ezimbili, futhi bangabe besahlukaniswa babe yimibuso emibili.


“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.


Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.


Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!


Nina eniluqhelisela kude usuku olubi, nisondeze isihlalo sobudlova.


ukuba kuthengwe abampofu ngesiliva nabantulayo ngezimbadada, sithengise nangomuhu wokusanhlamvu.”


Ngabe kusekhona ingcebo embi endlini yezikhohlakali, ne-efa elincane eliqalekisiweyo na?


AmaFilisti awuthatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebheni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ