Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 3:2 - IsiZulu 2020

2 “Ngaze nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngakho-ke ngiyakunijezisa ngenxa yabo bonke ububi benu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngazi wena wedwa ezizukulwaneni zonke zomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 3:2
37 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yileyo-ke imindeni yamadodana kaNowa ngokozalo lwawo nangokwezizwe zawo. Kuwo kwavela izizwe ezasabalala nomhlaba wonke emveni kukazamcolo.


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Uzwakalisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezehlulelo zakhe, ku-Israyeli.


Hamba manje, uhole abantu ubayise endaweni engakhuluma ngayo kuwe. Uyabona-ke, ingelosi yami izohamba phambi kwakho, kodwa lapho lufika usuku lokubajezisa, ngiyobajezisa ngenxa yesono sabo.”


Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngeGama lakho.


Ngokuba ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” kusho uSimakade. “Iyakufika, kube yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango eJerusalema, nakuzo zonke izingange ezilizungezile, nasemizini yonke yakwaJuda.


Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bheka, ngiyakubajezisa; izinsizwa ziyokufa ngenkemba. Amadodana namadodakazi azo ayobulawa yindlala,


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?


Usho kanje uSimakade kulaba bantu, uthi: “Njengoba bethandile ukuzulazula, bangazinqanda izinyawo zabo; uSimakade akabemukelanga. Manje uyakukhumbula isiphambeko sabo, abajezisele izono zabo.”


“Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakujezisa bonke abasoke enyameni kuphela,


Ngizokwenza kuwe engingakaze ngikwenze, engingeyukuphinde ngikwenze futhi okufana nakho, ngenxa yazo zonke izinengiso zakho.


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Uqinisile amazwi akhe awakhuluma ngathi nangabehluleli bethu abasahlulelayo ngokusehlisela okubi okukhulu, ngokuba phansi kwezulu lonke akwenziwanga njengokwenziwe kulo iJerusalema.


Ngiyakumjezisela izinsuku zoBhali lezo ayebashisela ngazo impepho, ezihlobisa ngezindandatho zakhe nangobucwebecwebe bakhe, elandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa Mina,” kusho uSimakade.


“Mina, ngiyamazi u-Efrayimi, no-Israyeli akafihlekile kimi, ngokuba manje, wena Efrayimi uzifebele, u-Israyeli wazingcolisa.”


Imihlatshelo eyethulwa kimi bayayihlaba, badle inyama yayo, kodwa uSimakade akayithokozeli. Manje uyasikhumbula isiphabheko sabo, abajezise ngezono zabo, babuyele eGibhithe.


Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaJuda, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade, bangazigcina izimiso zakhe, amanga abo abadukisa, abawalandela nokhokho babo.


Bangahambisana yini abantu ababili uma bengavumelananga na?


Maye, kwabanethezekileyo eZiyoni, nabavikelekile entabeni eSamariya, izikhulu zesizwe esikhethekileyo, eya kubo indlu ka-Israyeli!


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Niyabona-ke, lo mndeni ngiwuhlelela inhlekelele, eningayukukhipha izintamo zenu kuyo, futhi aniyukuhamba ngokuziqhayisa, ngokuba kuyakuba yisikhathi esibi.


ngokuba budlangile ubufebe besifebe esibukekayo, umpetha wokuyenga, umkhunkuli othengisa izizwe ngobufebe bakhe, nemindeni ngokukhunkula kwakhe.


Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,


Usizi nobuhlungu kuyakubehlela bonke abantu abenza okubi, umJuda kuqala, nomGriki.


Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, lowo-ke uyaziwa nguye.


Nokho uSimakade wanamathela kokhokho benu, wabathanda, waziqoka nezizukulwane zabo emva kwabo, yebo, wakhetha nina phakathi kwezizwe zonke, njengoba kunjalo nanamuhla.


USimakade unikezile isiqiniseko namuhla sokuthi wena uyokuba yisizwe esiyifa lakhe njengokwesithembiso sakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe,


Ngokuba isabelo sikaSimakade singabantu bakhe. UJakobe uyisifunda sefa lakhe.


“Ake ubuze izinsuku ezidlulileyo ezaziphambi kwakho, kusukela osukwini uNkulunkulu adala ngalo abantu emhlabeni, kusukela kolunye uhlangothi lwezulu kuze kufike kolunye, ukuthi kukhona yini okufana nale nto engaka okwake kwenzeka, futhi kukhona yini okwake kwezwakala okufana nakho na?


Ngokuba uyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho. USimakade uNkulunkulu wakho ukukhethile ukuba ube yisizwe esiyifa lakhe phezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba.


Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ