Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 3:10 - IsiZulu 2020

10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova; “babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba abakwazi ukwenza okulungile, usho uJehova, oqongelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 3:10
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Akusalanga lutho angaludlanga, ngakho-ke impumelelo yakhe ayinakuma.


Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


Siyozitholela yonke ingcebo eyigugu, sigcwalise izindlu zethu ngempango,


Owesifazane onomusa uzuza udumo, kodwa izidlova zizuza ingcebo.


Abantu ababi ababuqondi ubulungiswa, kodwa abafuna uSimakade, bakuqonda konke.


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


Ngase ngithi: “Laba yizimpofana nje, benze ubuwula, ngoba kabayazi indlela kaSimakade, nokwehlulela kukaNkulunkulu wabo.


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,


Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, babaphathe kabi abampofu nabantulayo, babacindezele abafokazi ngokungenabulungiswa.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ubonile yini na? Kuyinto engelutho yini endlini yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenza lapho na? Ngokuba baligcwalisile izwe ngobudlova, bedlula bachukuluza ulaka lwami. Uyabona, babeka amagatsha emakhaleni abo.


“Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


“Nina enihlanekezela ubulungiswa bubabe njengomhlonyane, nilaxaze phansi ukulunga;


Amahhashi angagijima yini emadwaleni na? Kungalinywa yini lapho ngezinkabi na? Ngokuba nihlanekezele ubulungiswa baba ngubuthi, nesithelo sokulunga saba ngumhlonyane,


Nina eniluqhelisela kude usuku olubi, nisondeze isihlalo sobudlova.


INkosi uSimakade izifungile, kusho uSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uthi: “Ngiyakwenyanya ukuzigqaja kukaJakobe, ngiyazizonda izigodlo zakhe; ngiyakuwukhaphela umuzi nokukuwo.”


Ngabe kusekhona ingcebo embi endlini yezikhohlakali, ne-efa elincane eliqalekisiweyo na?


Ngalolo lusuku ngiyakujezisa bonke abeqa umbundu, abagcwalisa izigodlo zamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.


Ngokuba benza sengathi kufihlekile kubo ukuthi izulu lalikhona kwasemandulo, kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, kwadalwa ngezwi likaNkulunkulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ