Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 2:7 - IsiZulu 2020

7 Bagxobagxoba amakhanda abampofu othulini lomhlabathi, bachezukisa abathobekileyo endleleni; indodana noyise baya entombini, kanjalo-ke balihlambalaze iGama lami elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bazondelela amakhanda abampofu ukuba abe sothulini lomhlabathi, bachezukisa indlela yabathobileyo; indoda noyise baya entombininye, ukuze balihlambalaze igama lami elingcwele,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abalangazelela uthuli lomhlaba ekhanda lompofu, bachezukise indlela yabamnene, bangene indoda noyise kanye nencekukazi efanayo, bahlambalaze igama lami elingcwele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 2:7
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”


U-Ahabi waya esigodlweni sakhe ehluneme futhi ethukuthele ngenxa yezwi uNabothi waseJizreyeli ayelikhulume kuye, lokuthi: “Angiyukukunika ifa lokhokho bami.” Walala embhedeni, wabheka eceleni, akaze adla lutho.


Ukwenzelela akukuhle, kepha ngocezwana nje lwesinkwa umuntu angenza okubi.


Maye, kulabo abashaya imithetho engalungile, nababhala izimiso ezikhathazayo,


ukuhlanekezela ubulungiswa kwabantulayo, nokuqola abantu bami abampofu amalungelo abo, ukuze abafelokazi babe yimpango yabo, nezintandane zibe yisisulu sabo.


USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.


Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


Omunye wenze isinengiso nomkamakhelwane wakhe. Omunye wangcolisa umalokazana wakwakhe ngobufebe, omunye kubo wone udadewabo, indodakazi kayise.


Kwakuthi lapho befika ezizweni ababeya kuzo, balihlambalaze igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaSimakade, kodwa nakuba kunjalo balishiyile izwe lakhe.’


“Angiyukuwajezisa amadodakazi enu lapho efeba, nomalokazana benu lapho bephinga, ngokuba namadoda aphambukela ezifebeni, enze umhlatshelo nezifebe zethempeli, abantu abangenakuqonda bayakubhubha.


“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamalokazana wakho; ungumkandodana yakho.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamkayihlo; bungubunqunu bukayihlo.


Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.


Ngokuba ngiyazi ukuthi iziphambeko zenu ziningi, nokuthi izono zenu zinkulu kangakanani, nina enicindezela abalungileyo, nemukele umfumbathiso, nithalalise udaba lwabantulayo esangweni.


Yizwani lokhu nina eninyathela abantulayo, niqede nya abasweleyo bezwe,


Bafisa amasimu, bawaqhwage, nezindlu bazithathe, bacindezele indoda nabendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


Nixosha abesifazane babantu bami ezindlini abazithandayo; nithathe ezinganeni zabo inkazimulo yami yaphakade.


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengokuba kulotshiwe.


Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ