Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 2:1 - IsiZulu 2020

1 Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaMowabi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bashisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Usho kanje uJehova; Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, nangenxa yezine, angiyikukubuyisa isijeziso sakhe; ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba umcako.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 2:1
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yakwa-Israyeli, eyakwaJuda, neyakwa-Edomi, asuka ahamba ngendlela ethathelayo eyawathatha izinsuku eziyisikhombisa. Kwakungekho manzi amabutho nawemfuyo ababehamba nakho.


Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke, aqapha abahle nababi.


Bayohlangana bahlasele amaFilisti entshonalanga, baphange abantu basempumalanga, bayakumelana nabakwa-Edomi nabakwaMowabi, ama-Amori ayoba ngaphansi kwesandla sabo.


Sizwile ngokuziqhayisa kukaMowabi ukuthi uphakeme kakhulu, nangokuzidla kwakhe, nokuqhosha kwakhe, nokuchwensa kwakhe; ukuzikhukhumeza kwakhe kuyize.


Ngokuba isandla sikaSimakade siyophumula phezu kwale ntaba. AbakwaMowabi bayodovadovwa endaweni yakubo, njengenqwaba yotshani bunyathelwa endundumeni yobulongwe.


nabakwa-Edomi, nabakwaMowabi, nabakwa-Amoni,


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabantu bakwa-Amoni, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba baqaqe abesifazane abakhulelweyo bakwaGiliyadi ukuze bandise imingcele yabo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseDamaseku, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba babhula iGiliyadi ngezinsingo zensimbi.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwaJuda, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade, bangazigcina izimiso zakhe, amanga abo abadukisa, abawalandela nokhokho babo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Israyeli, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathengise olungileyo ngesiliva, nompofu ngezimbadada ezimbili.


Bantu bami, ake nikhumbule okwahlelwa nguBhalaki inkosi yakwaMowabi, nokuthi wamphendula wathini uBhalamu indodana kaBheyori, nokusuka eShithimi kuya eGiligali ukuba nazi ngokulunga kukaSimakade.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ