Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:9 - IsiZulu 2020

9 Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseThire, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo babakhaphela ku-Edomi, bangasikhumbula isivumelwano sabafowabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zeTire, ngenxa yezine, angiyikukubuyisa ukujeziswa kwalo; ngoba banikela bonke ekuthunjweni ku-Edomi futhi abazange bacabange ngesivumelwano sobuzalwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:9
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHiramu, inkosi yaseThire, wathumela izithunywa kuDavide, nemisedari, nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide isigodlo.


noGebhali, u-Amoni, u-Amaleki, iFilistiya nabakhile eThire.


wonke amakhosi aseThire, wonke amakhosi aseSidoni, amakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;


nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.


Ingcebo yakho, impahla yakho, abagwedli bakho, abakuvala izimfa, abahwebelana nawe; wonke amabutho, wonke akuwe, nesixuku sonke esikuwe bayakuphonseka phakathi olwandle ngosuku oyakuwa ngalo.


Wazingcolisa izindlu zakho ezingcwele, ngenxa yobuningi bobubi bakho, nangenxa yokuhweba kwakho okungalungile; ngenza ukuba kuqubuke umlilo kuwe, wakushisa wangqongqa. Ngakwenza waba ngumlotha emhlabathini, phambi kwabo bonke abakubonayo.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.


Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabaseGaza, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba bathumba abantu ngothi lwabo ukuba babakhaphele ku-Edomi.


Phela ngosuku owamela kude ngalo, mhla abafokazi bephanga umcebo wakhe, nabezizwe betheleka emasagweni akhe, benza unkatho ngeJerusalema, nawe wawufana nomunye wabo.


Isiphrofetho sezwi likaSimakade elimelene nezwe lakwaHadirakhi. Liyakuhlala nakulo iDamaseku, ngokuba amehlo abantu nawezizwe zonke zakwa-Israyeli abheke kuSimakade,


“Maye, kuwe Khorazini! Maye, kuwe Bhethsayida! Ngokuba ukuba le misebenzi yamandla eyenziwe kini, yayenziwe eThire naseSidoni, ngabe kudala yambatha isaka, yazithela ngomlotha, yaphenduka.


Nokho ngithi kini: kuyakuba ngcono kulo iThire neSidoni ngosuku lokwehlulelwa, kunakinina.


“Maye, kuwe Khorazini! Maye, kuwe Bhethsayida! Ngokuba ukuba le misebenzi yamandla eyenziwe kini beyenziwe eThire naseSidoni, ngabe kade baphenduka, bembatha eyamasaka, bazihuqa ngomlotha.


Kepha kuyakuba ngcono eThire naseSidoni ngosuku lokwehlulelwa kunakini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ