Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:8 - IsiZulu 2020

8 Ngiyakubhubhisa izakhamuzi e-Ashidodi, nophethe intonga yobukhosi e-Ashikeloni. Ngiyakushaya ngesandla sami i-Ekroni, insali yamaFilisti iyakuphela nya,” kusho iNkosi uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi, nophethe intonga e-Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e-Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakunquma owakhileyo e-Ashidodi nophethe intonga e-Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami phezu kwe-Ekroni; insali yamaFilisti iyoshabalala, isho iNkosi uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:8
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphuma wayokulwa namaFilisti, wadiliza ugange eGathi, ugange eJabhine, nogange e-Ashidodi, wakha imizi e-Ashidodi naphakathi kwamaFilisti.


Izitha zabo bengizozithobisa ngokushesha, abamelene nabo ngibashaye ngesandla sami.


Ngizoguqula isandla sami ngimelane nawe, ngicwengisise wonke amanyela akho, ngisuse konke ukungcola kwakho.


Ngonyaka okwafika ngawo umkhuzi wempi e-Ashidodi, ethunywe nguSarigoni, inkosi yase-Asiriya, walwa nalo, walinqoba.


Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana namaFilisti, ngaphambi kokuba uFaro alinqobe iGaza, lathi:


ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka, sengizokwelulela isandla sami kumaFilisti, ngimelane nawo, ngiwabulale amaKherethi, ngibhubhise insali esogwini lolwandle.


“Ningifunani nje nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda eFilistiya na? Kukhona yini enikhokhisa ngakho kimi na? Uma nizikhokhisela kimi, ngiyakusheshe ngibuyisele masinyane phezu kwamakhanda enu ukuzikhokhisela kwenu.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo ogangeni eGaza, uyakungqongqisa izinqaba zalo.


Memezelani ezinqabeni e-Ashidodi, nasezinqabeni eGibhithe, nithi: “Qoqanani ezintabeni eSamariya, nibone inxushunxushu enkulu nokucindezelwa okuphakathi kulo.”


Abendlu yakwaJakobe bayakuba ngumlilo, abendlu kaJosefa babe yilangabi, kuthi abendlu ka-Esawu babe ngamabibi, bayakuwashisa, aphele nya; akuyukusinda namunye kwabendlu ka-Esawu, ngokuba uSimakade usekhulumile.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


I-Ashikeloni liyakukubona lokho, lesabe, iGaza liyobayobe kakhulu ezinhlungwini kanye ne-Ekhroni, ngokuba ithemba lalo liyakuphela, inkosi ishabalale eGaza, kungahlali muntu e-Ashikeloni.


E-Ashidodi kuyakuhlala izinhlanga ezahlukeneyo. Ngiyakukuqeda nya ukuzigqaja kwamaFilisti.


Lawa ngamathumba egolide abuyiswa ngamaFilisti aba ngumnikelo wecala kuSimakade: elinye lalingele-Ashidodi, elinye kungeleGaza, elinye kungele-Ashikeloni, elinye kungeleGathi nele-Ekhroni,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ