Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




U-Amose 1:11 - IsiZulu 2020

11 Usho kanje uSimakade uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zabakwa-Edomi, impela, ngenxa yezine, angiyukuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wabhebhethekisa ulaka lwakhe unomphelo, waqhubeka njalo nentukuthelo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe, wagcina ulaka lwakhe, wayilondoloza intukuthelo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Usho kanje uJehova, uthi: “Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, nangenxa yezine, angiyikuguquka; ngokuba waxosha umfowabo ngenkemba, walahla lonke uzwelo, nolaka lwakhe lwaludabukile njalo, futhi wagcina ulaka lwakhe kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




U-Amose 1:11
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngakho-ke ake ubheke, abakwa-Amoni, abakwaMowabi nabasentabeni iSeyiri, ongamvumelanga u-Israyeli ukuba ababhubhise ngesikhathi ephuma eGibhithe, kunalokho wabachezukela, akaze ababhubhisa.


Bheka-ke ukuthi basivuza kanjani, bezile ukuzosixosha efeni lakho owasinika lona ukuba silidle.


ngokuba phezu kwakho konke kwafika nabakwa-Edomi bashaya uJuda, bathumba abaningi.


Khumbula, Simakade, usuku lweJerusalema, ngenxa yabakwa-Edomi, abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Uzohlala usithukuthelele yini na? Ulaka lwakho ulwedlulisele phezu kwezizukulwane ngezizukulwane na?


Ungasheshi ukuthukuthela, ngokuba intukuthelo ihlala ezifubeni zeziwula.


Ngokuba angiyukulwa kuze kube phakade, angiyukuthukuthela ingunaphakade; funa umoya ophambi kwami uphelelwe ngamandla, ngisho nemiphefumulo engiyenzileyo.


U-Israyeli ukwenqabile okuhle; isitha siyakumxosha.


IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Ngizithukuthelele kakhulu izizwe ezinethezekileyo, ngokuba uma ngithukuthele kancane nje, zona ziyadlanga ngobubi.’


“Nginithandile,” kusho uSimakade. “Kodwa nina nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “Ngabe u-Esawu wayengeyena umnewabo kaJakobe na? kubuza uSimakade. “Ngamthanda uJakobe,


Uma u-Edomi ethi: “Siphihliziwe, kepha siyakubuye sikwakhe kabusha okubhidlikile.” Kodwa usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Bona bayakukwakha, kodwa Mina ngiyakubhidliza. Bayakubizwa ngokuthi Yizwe Lenkohlakalo, nabantu uSimakade abathukuthelele unomphelo.


Ngakho-ke yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo,


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ