Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UZakariya 4:2 - IsiZulu 2020

2 Yathi kimi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona, uthi lwezibani lonke luyigolide, kunesitsha phezu kwalo, nezibani eziyisikhombisa ezikulo; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Yathi kimi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yasisithi kimi: Ubonani? Ngase ngithi: Ngabona, bheka, nanto uthi lwesibani lwegolide lonke, kukhona isitsha phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa phezu kwalo, nemibhobho eyisikhombisa yezibani eziyisikhombisa eziphezu kwalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UZakariya 4:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Esihlalweni sobukhosi kwaphuma imibani, amazwi, nokuduma. Izibani zomlilo eziyisikhombisa zavutha phambi kwesihlalo sobukhosi, ezingoMoya bakaNkulunkulu abayisikhombisa.


Ngaphenduka ukuba ngibone leli lizwi elalikhuma nami. Sengiphenduka, ngabona izinti zezibani zegolide eziyisikhombisa.


Yangibuza yathi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona umqulu wencwadi ondizayo, ubude bawo bungamakhubhithi angama-20, nobubanzi bawo bungamakhubhithi alishumi.”


Induna yabalindi yathatha izindebe, imicengezi yomlilo, izitsha, amabhodwe, izinti zezibani, izinkezo, izinkamba, okwakwenziwe ngegolide elicwengekileyo nesiliva elicwengekileyo.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”


Njalo ekuseni nakusihlwa bashisela uSimakade iminikelo yokushiswa nempepho enephunga elimnandi, bahlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhele uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo njalo kusihlwa, ngokuba thina sisawugcina umyalo kaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa nina nimshiyile.


Wenza izinti zezibani zegolide njengomthetho wazo, wazibeka ethempelini, eziyisihlanu ngakwesokunene, neziyisihlanu ngakwesokhohlo.


Isisindo sezinti zezibani zegolide nezibani zazo zegolide, isisindo salolo nalolo luthi lwesibani nezibani zalo, izinti zesiliva, isisindo sothi nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalolo luthi.


ngaphambi kokuba intambo yesiliva igqabuke, kuphahlazeke nesitsha segolide, nokhamba lufele emthonjeni, nesondo lifele emgodini wamanzi,


USimakade wayesethi kimi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Amakhiwane; amakhiwane amahle, mahle kakhulu; namabi, mabi kakhulu, ngeke adliwa ngenxa yobubi bawo.”


USimakade wathi kimi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Intambo yomthofu yokulinganisa.” INkosi yayisithi: “Uyabona-ke, sengizobeka intambo yomthofu yokulinganisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli angisayukubaxolela.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ