Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UZakariya 2:9 - IsiZulu 2020

9 Niyabona-ke, impela ngiyakuphakamisa isandla sami phezu kwabo ngimelane nabo, bayakuba yimpango yezigqila zabo, niyokwazi ukuthi ungithumile uSimakade Wamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “Bhekani, ngiyakuqhweba ngesandla phezu kwabo, babe yimpango yababebakhonza, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba bhekani, ngiyakunikina isandla sami phezu kwazo, zibe yimpango yezinceku zazo; niyakwazi ukuthi uJehova Sebawoti ungithumile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UZakariya 2:9
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Namuhla izokanisa eNobhi, izakuzivocavocela intaba yendodakazi yaseZiyoni negquma eJerusalema, isibhakela sayo.


USimakade uyoqalekisa itheku lolwandle leGibhithe, anyakazise isandla sakhe phezu komfula awuhwamukise ngekhoza lomoya wakhe, awushaye ube yimifudlana eyisikhombisa, ongayiwela uhamba ngezinyawo.


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


Phakamisani ibhanela entabeni eluqhwathule, nimemeze, nibaqhwebe, ukuba bangene emasangweni abakhulu.


Izizwe ziyobathumba, zibayise endaweni yazo; indlu ka-Israyeli iyozidla lezo zizwe, zibe yifa layo, zibe yizinceku nezincekukazi ezweni likaSimakade; iyobathumba labo ababekade beyithumbile, ibuse phezu kwabacindezeli bayo.


Ngalolo lusuku abaseGibhithe bayofana nabesifazane, bathuthumele ngukwesaba, ngenxa yesandla sikaSimakade Wamabandla esimelene nabo.


Ngalolo lusuku, ezweni lakwaJuda kuyohlatshelelwa lesi sihlabelelo esithi: Sinomuzi oqinileyo, usimisela insindiso ibe yizingange nezindunduma.


Maye, kuwe mbhubhisi ongakaze wena ubhujiswe, nakuwe mkhohlisi ongakaze yena akhohliswe! Uma nje sewuqedile ukubhubhisa, nawe uzobhujiswa; nalapho uyeke nje ukukhohlisa, nawe abantu bazokukhohlisa.


Kodwa lapho uSimakade ebukhosini bakhe, uyokuba nathi khona endaweni yemifula ebanzi nemithombo, lapho kungahambi khona zikebhe ezigwedlwayo, kungadabuli mikhumbi emikhulu.


Izintambo zakho ziyaxega, azinakuyiqinisa insika endaweni yayo, azinakuwugcina useyili wendlalekile. Lapho impango ephangiweyo iyokwehlukaniswa ngobuningi, ngisho nezinyonga ziyothola impango.


USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo.


“Sondelani kimi, nizwe lokhu; angikushongo yini ekusithekeni kwasekuqaleni na? Kusukela esikhathini okwenzeka ngaso, ngangikhona.” Manje uSimakade uNkulunkulu ungithumile, kanye noMoya wakhe.


Ayisayukubabikho indluzula ezweni lakini, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemingcele yakho, kodwa izingange zakho uyozibiza ngokuthi yiNsindiso, namasango akho ngokuthi yiNdumiso.


Ilanga alisayukuba ngukukhanya kuwe emini, nenyanga ayisayukukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku; uSimakade uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe, uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sokuwa kwezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu ayomenza isikhonzi sawo.


Umphrofethi ophrofetha ngokuthula uyokwaziwa kuphela, lapho izwi aliphrofethile selifezekile, ukuthi impela ungumphrofethi othunywe nguSimakade.”


Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”


Abayukutheza zinkuni endle, abayukugawula emahlathini, ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali, baphange ababaphangayo, baqhwage impahla yalabo ababaqhwagayo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade.


Ngokuba ubudlova obenziwe eLebhanoni buyakukuhaqa, nokubhujiswa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yokuchithwa kwegazi labantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.


Phela wena uziphangile izizwe eziningi, yonke insali yabantu iyakukuphanga nawe, ngenxa yokuchitha igazi labantu nobudlova obenziwe ezweni nasemzini, nakubo bonke abahleli kuwo.’


Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Impela uMowabi uyakuba njengeSodoma, abantu bakwa-Amoni bafane neGomora, izwe lembabazane nemigodi kasawoti nencithakalo yaphakade. Insali yabantu bami iyakubaphanga, nabaseleyo besizwe sami bayakudla ifa labo.”


USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi.


“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noSimakade ngalolo lusuku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kuwe.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.


“Izandla zikaZerubhabhele zibeke isisekelo sale ndlu, futhi yizona eziyakuqeda ukuyakha, uyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithume kini.


Labo abaphuma kude bayakufika, bakhe ithempeli likaSimakade, niyakukwazi ukuthi nguSimakade Wamabandla ongithumile kini. Lokhu kuyakwenzeka, uma impela nililalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu.”


USimakade Wamabandla uyakubavikela, bayakudla, banyathele amatshe endwayimane. Bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale baphuphume njengesitsha sigcwele, nanjengamakhona e-althare.


“Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki, ukuze nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi ngiNguye.


Kepha nginitshelile ngalezo zinto ukuze kuthi lapho sekufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela ngazo; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ