Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UZakariya 10:3 - IsiZulu 2020

3 “Intukuthelo yami ivuthela abelusi. Ngiyakubajezisa abaholi bomhlambi, ngokuba uSimakade Wamabandla uyawunakekela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda. Uyakubenza bafane nehhashi lobukhosi bakhe empini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Intukuthelo yami ivuthele abelusi; ngiyakujezisa izimpongo, ngokuba uJehova Sebawoti uyakuhambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, abenze babe njengehhashi elinobukhosi ekulweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Intukuthelo yami yavuthela abelusi, ngahambela ezimbuzini, ngokuba uJehova Sebawoti wahambela umhlambi wakhe, indlu yakwaJuda, wabenza babe njengehhashi lakhe elihle empini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UZakariya 10:3
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma kukhala icilongo, lithi: ‘Nakho-ke;’ impi liyihogela isekude, nomsindo wabakhuzi bayo neziqubulo zempi.


Abantu bakholwa lapho bezwa ukuthi uSimakade uqaphelile, wabona futhi ukuhlupheka kwabo, base bekhothama, bakhuleka.


Ihhashi lilungiselwa usuku lokulwa, kepha ukunqoba kungokukaSimakade.


Ngikufanisa nehhashi lami lensikazi phakathi kwezinqola zempi kaFaro, sithandwa sami.


Kuyothi lapho iNkosi isiwuqedile wonke umsebenzi wayo entabeni iZiyoni naseJerusalema, ijezise inkosi yase-Asiriya ngenxa yokukhuluma kwayo ngokuziqhayisa, nangokuziphakamisa kwayo.


Ngalolo lusuku uSimakade uyowajezisa amabandla asezulwini phezulu, namakhosi omhlaba emhlabeni.


Abelusi bayiziphukuphuku, abazange bamfune uSimakade; ngakho-ke abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Bheka, ngiyakubajezisa; izinsizwa ziyokufa ngenkemba. Amadodana namadodakazi azo ayobulawa yindlala,


“Kuyakuthi lapho iminyaka engama-70 isiphelile, ngiyijezise inkosi yaseBhabhele naleso sizwe, ngenxa yobubi babo, bese kuthi izwe lamaKhaledi, ngilenze libe yincithakalo yaphakade, kusho uSimakade.


Hhewulani, nina belusi, nikhihle isililo, nizibhuqabhuqe emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba sezifikile izinsuku zokuhlatshwa nokuhlakazwa kwenu, nizakuwa njengesitsha esihle.


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; baphambukiswe ngabelusi babo, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bayikhohlwa indawo yabo yokuphumula.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune.


Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama.


“Ndodana yomuntu, phrofetha umelane nabelusi bakwa-Israyeli; phrofetha uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Maye, kubelusi bakwa-Israyeli abazicabangela bona! Kanti abelusi akumele yini ukuba beluse izimvu na?


Iyakungcolisa ngamazwi aluthayo labo abanecala lokwephula isivumelwano, kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele.


Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaSimakade, ngijezise izikhulu namadodana enkosi, nabo bonke abembethe izingubo zabezizwe.


Ugu luyakuba ngolwensali yabendlu yakwaJuda, yeluse kulo. Iyakulala ezindlini e-Ashikeloni kusihlwa, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wayo uyakuyihambela, aguqule ukuthunjwa kwayo.


“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”


“Mayibongwe iNkosi, uNkulunkulu ka-Israyeli, ngokuba ibahambele abantu bayo, yabahlenga.


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Kuthe eselapho kwaMowabi, uNawomi wezwa ukuthi uSimakade ubahambele abantu bakhe wabapha ukudla, wayeselungiselela ukusuka lapho nomalokazana bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ