Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UZakariya 1:3 - IsiZulu 2020

3 Kepha wena batshele, uthi: Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Buyelani kimi,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘nami ngizobuyela kini,’ kusho uSimakade Wamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho uthi kubo: Usho kanje uJehova Sebawoti; Phendukelani kimi, usho uJehova Sebawoti, ngibuyele kini, usho uJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UZakariya 1:3
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

u-Azariya waphuma waya ku-Asa, wathi kuye: “Ngilaleleni, wena Asa noJuda wonke, noBhenjamini; uSimakade unani, uma ninaye, uma nimfuna niyakumfumana, kodwa uma nimshiya, naye uyakunishiya.


Kepha lapho ehluphekile wayephendukela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, amfune, amfumane.


“Kepha kuthe sebehleli ngokuthula, babuye benza okubi emehlweni akho. Wawusubayekela ezitheni zabo ukuze zibabuse. Kwathi lapho sebekunxusa, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho wabakhulula futhi.


Uma ubuyela kuSomandla, uyakusimamiswa, uma ususa ukungalungi ethendeni lakho,


Nina bantu bakwa-Israyeli, buyelani kuye lona enimhlubuke kakhulu kangaka.


Iziphambeko zakho ngizesule njengefu, nezono zakho njengomlaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Kuyakuthi uma sengibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyise, kube yilowo nalowo efeni lakhe nasezweni lakhe.


lapho kuthiwa kini: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasezenzweni zenu ezimbi, bese nihlala ezweni uSimakade alinika okhokho benu, kusukela phakade kuze kube phakade.


“Uma indoda ilahla umkayo, noma yena ahambe ayogana enye indoda, ingabe isabuyela yini kuye na? Lelo lizwe liyobe lingangcoliswanga kakhulu na? Kepha wena ofebe nezithandwa eziningi uyakubuyela kimi,” kusho uSimakade.


“Buyani nina bantwana enihlubukayo; ngizoniphulukisa ekuhlubukeni kwenu.” “Bheka, sesilapha, siza kuwe, ngokuba unguSimakade uNkulunkulu wethu.


Ngathumela izinceku zami, abaphrofethi, ngibathuma ngiphindelela, ngithi: “Ake niphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; yikhona niyakuhlala ezweni engalinika nina nokhokho benu.” “ ‘Kepha aniyibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.


“Uma uphenduka, Israyeli,” kusho uSimakade, “uyakubuyela kimi; uma ususa phambi kwami izinengiso zakho, awuyukuntengantenga.


“Kepha nithi: ‘Kungani indodana ingalithwali icala likayise na?’ Uma indodana yenzile ubulungiswa nokulunga, yagcina zonke izimiso zami, yazenza, ngalokho iyakuphila nokuphila.


Lahlani zonke iziphambeko zenu eniphambuke ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha; uyakufelani wena ndlu ka-Israyeli na?


Angikwenameli ukufa kofayo, ngakho-ke phendukani, niphile,” kusho iNkosi uSimakade.


“Batshele, uthi kubo: ‘Ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, angithokoziswa ngukufa komubi, kodwa ngithokoza uma isoni siphenduka endleleni yaso, siphile. Phendukani, nishiye izindlela zenu ezimbi, nina ndlu yakwa-Israyeli niyakufelani na?’


Israyeli, buyela kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ukhubekile ngenxa yobubi bakho.


Ngiyakwelapha ukuhlubuka kwabo, ngibathande ngokukhululeka, ngokuba intukuthelo yami isukile kubo.


“Wozani, masibuyele kuSimakade, ngokuba Yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; Yena usishayile, uyakubopha inxeba lethu.


USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”


Kusukela ezinsukwini zokhokho benu niphambukile ezimisweni zami, nangazigcina. Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini,” kusho uSimakade Wamabandla. Kodwa niyabuza nithi: “Sizobuyela kanjani na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ