Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 7:84 - IsiZulu 2020

84 Yilokhu-ke okwanikelwa ngabaholi bakwa-Israyeli ngosuku i-althare elangcweliswa ngalo lehlukaniselwa uSimakade: izitsha zesiliva ezili-12, izitsha zesiliva eziyimicengezi ezili-12, nezitsha zegolide ezili-12.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

84 Lokho kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo ngezandla zezikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe eziyishumi nambili zesiliva, nezinkamba eziyishumi nambili zesiliva, nezinkezo eziyishumi nambili zegolide,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

84 Lokhu kwakungukwahlukaniselwa kwe-altare mhla ligcotshwa yizikhulu zakwa-Israyeli: izingqwembe zesiliva eziyishumi nambili, nezindebe zesiliva eziyishumi nambili, nezindebe zegolide eziyishumi nambili;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 7:84
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyokwenza izingqwembe zalo, izinkomishi, izinkezo, nezinkamba zokuthela; ukwenze ngegolide elicwengekileyo.


Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.


Abaholi baletha futhi iminikelo yokungcweliswa kwe-althare ngosuku olwalumiselwe lokho. Abaholi bayiletha iminikelo yabo phambi kwe-althare,


Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Ahira, indodana ka-Enani.


Yileso naleso sitsha sesiliva sasingamashekeli ayi-130, isitsha sesiliva esingumcengezi ngasinye singamashekeli angama-70. Selilonke isiliva elenza izitsha laba yizi-2 400 ngokweshekeli lendawo engcwele.


Thina sine-althare, abangenalungelo lokudla kulo labo abakhonza ethabanakelini.


Ugange lomuzi lwalunezisekelo ezili-12, phezu kwazo kulotshwe amagama abaphostoli beWundlu abali-12.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ