Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 35:20 - IsiZulu 2020

20 Noma ngubani okuthi ngokuzonda omunye bese emdudula noma amcuthele, amjikijele ngokuthile, afe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Uma emgqula ngenzondo noma emphonsa emqamekele aze afe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kepha uma emsunduza ngenzondo, noma emjikijela ngomsindo wokuqapha, aze afe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 35:20
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni.


UKhayini wathi ku-Abela umnawakhe: “Asihambe siye endle.” Kuthe sebefike endle, uKhayini wambhudukeza umnawakhe wambulala.


U-Absalomu akazange akhulume lutho olubi noma oluhle ku-Amnoni, kodwa u-Absalomu wamzonda u-Amnoni, ngokuba wayemphoqile udadewabo, uThamari.


U-Amasa akayinakanga inkemba eyayiphethwe nguJowabe ngesandla. UJowabe wamgwaza kanye ngayo esiswini, izibilini zakhe zachithekela emhlabathini, wafa ujuqu. Akamphindanga. UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, baqhubeka bexosha uSheba, indodana kaBhikhiri.


U-Abhineri esebuyele eHebhroni, uJowabe wambizela eceleni ngasesangweni ukuze akhulume naye ngasese. Wamgwaza esiswini wafela lapho, ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Bheka, izikhohlakali zinsala iminsalo, sezifake imicibisholo yazo emnsalweni, ukuze zicibe ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.


Kodwa uma umuntu ehlasela abulale omunye ngobuqili, kufanele naye asuswe e-althare lami abulawe.”


Onenzondo uyazenzisa ngokukhuluma kwakhe, ebe enenhloso embi enhliziyweni yakhe.


Umuntu osindwa yigazi lomunye, uyakubaleka kuze kube segodini; makangasizwa muntu.


Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.


noma ngobutha, amshaye ngesibhakela, aze afe; ungumbulali. Umphindiseli wegazi lapho ehlangana nombulali uyakumbulala.


Ngakho-ke uHerodiya wambambela igqubu, wafuna ukumbulala, kodwa akabanga nawo amandla.


Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela esiweni esasisentabeni umuzi wabo owawakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelise kuso.


Wahlala khona izinyanga ezintathu. Kuthe eselungiselela ukuya eSiriya ngomkhumbi, abaJuda bakha uzungu lokumbulala, wayesecabanga ukuba abuyele emuva ngendlela edabula eMakhedoniya.


Ngakho-ke ungabavumeli, ngokuba phakathi kwabo kunamadoda angaphezulu kwama-40 azomlalela unyendle, ngokuba azibophe ngesifungo ukuthi awazukudla futhi awazukuphuza engakambulali uPawula. Manje bakulungele lokho, futhi balindele ukuba uvume.”


“Kepha uma umuntu ezonda umakhelwane wakhe, amlalele unyendle, amvukele, amshaye ambulale, abalekele komunye wale mizi,


USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni lobolo, ifuna kuphela amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba kuphindiselwe ezitheni zenkosi.’ ” USawule wayecabanga ukuthi uDavide uzobulawa ngamaFilisti.


UDavide wabaleka eNayothi eRama, waya kuJonathani, wathi kuye: “Ngenzeni na? Liyini icala lami? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”


Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ