Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 26:62 - IsiZulu 2020

62 Sebebonke abaLevi besilisa kusukela konenyanga eyodwa ubudala kuya phezulu babeyizi-23 000. Bona ababalwanga nabesilisa bakwa-Israyeli, ngoba babengezukuthola sabelo esizoba yifa labo ezweni. Ababelwanga ifa kwabakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

62 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

62 Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngoba babengabalwanga phakathi kwabantwana bakoIsrayeli, ngoba kabalinikwanga ilifa phakathi kwabantwana bakoIsrayeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 26:62
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

AbaLevi ababalwanga ngokwesizwana sokhokho babo njengezinye izizwana zakwa-Israyeli.


“Yisizwana sakwaLevi kuphela esingayukubalwa, awuyukusibala sona phakathi kwabantu bakwa-Israyeli.


Yilabo-ke abaLevi ababalwa nguMose no-Eleyazare, umphristi, ngesikhathi kubalwa abakwa-Israyeli emathafeni kwaMowabi ngaseJordani, phesheya kweJerikho.


Inani elabalwa nguMose no-Aroni kubo bonke abaLevi, kusukela konenyanga kuya phezulu, ngokwemindeni yabo njengalokhu uSimakade ayeshilo, kwakuyizi-22 000.


Yonke imisebenzi yabozalo lwamaGerishoni nakho konke abakwenzayo nabayokwenza, kuyoya njengokuyala kuka-Aroni namadodana akhe, bayakuwamisela imisebenzi okumele ayenze.


Ngalokho uLevi akanasabelo nalifa kanye nabafowabo; uSimakade uyifa lakhe njengokusho kukaSimakade uNkulunkulu wakho kuye.


Yisizwana sakwaLevi kuphela uMose angasabelanga ifa, ngoba iminikelo yomlilo eya kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli yiyo eyifa labo njengoba asho kubo.


Kepha kwabesizwana sakwaLevi, uMose akabanikanga sabelo esiyifa labo; uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uyisabelo sabo, njengoba ayeshilo kubo.


Ngokuba uMose wayenike isabelo sezwe ezizweni ezimbili nengxenye ngaphesheya kweJordani, kodwa abaLevi akazange abanike sabelo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ