Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 22:35 - IsiZulu 2020

35 Ingelosi kaSimakade yathi kuBhileyamu: “Hamba nalawa madoda, kodwa uyokhuluma kuphela lokho engizokutshela khona.” UBhileyamu wayesehamba namalunga kaBhalaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: “Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyakulikhuluma.” UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Ingelosi kaJehova yathi kuBileyamu: “Hamba namadoda; kodwa kuphela izwi engizolikhuluma kuwe, okufanele ulikhulume. UBileyamu wahamba nezikhulu zikaBalaki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 22:35
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha uMikhaya wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, akushoyo uNkulunkulu wami yikhona engizakukukhuluma.”


Ngase ngibayekelela enkanini yenhliziyo yabo, bahamba ngokuthanda kwabo.


Ohamba ngobuqotho uzophepha, kepha ohamba ngezindlela ezigwegwile uyokuwa kwenye yazo.


UBhalaki wezwa ukuthi uBhileyamu ufikile, waphuma wayomhlangabeza emzini wakwaMowabi emngceleni wase-Arinoni elingasekupheleni kwesifunda.


kodwa angimlalelanga uBhileyamu; ngakho-ke wanibusisa, nganikhulula esandleni sakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ