Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 20:28 - IsiZulu 2020

28 UMose wamkhumula u-Aroni izembatho zakhe, wazigqokisa u-Eleyazare, indodana yakhe. U-Aroni wafela khona lapho esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 UMose wamkhumula u-Aroni izambatho zakhe, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 UMose wakhumula izingubo zika-Aroni, wazifaka ku-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba; oMose no-Eleyazare behla entabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 20:28
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukuba zimelekelele uSolomoni, wathi:


Lezi zinto ziyokuba yisimiso saphakade ku-Aroni namadodana akhe ezivela kuma-Israyeli, ngokuba lokhu kungumnikelo, futhi kuyokuba ngumnikelo wabakwa-Israyeli ovela eminikelweni yabo yokuthula, okungumnikelo kuSimakade.


U-Aroni wathatha u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, waba ngumkakhe, wamzalela uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare, no-Ithamari.


Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.


Umkhumule u-Aroni izembatho zakhe, uzigqokise u-Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyobuyela kwabakubo, afele khona.”


UMose wenza njengalokhu uSimakade emyalile; bakhuphukela entabeni iHori, inhlangano yonke ibabuka.


Uma usulibonile, nawe uyakuyiswa koyihlomkhulu njengomfowenu u-Aroni.


Abakwa-Israyeli basuka eBheyerothi Bhene Jahakani, baya eMosera; u-Aroni wafela lapho, wangcwatshwa khona. U-Eleyazare, indodana yakhe, yaba ngumphristi esikhundleni sakhe.


UMose inceku kaSimakade wafela khona lapho kwaMowabi, njengezwi likaSimakade.


UJoshuwa, indodana kaNuni, wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebeke izandla kuye; abantu bakwa-Israyeli bamlalela, benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bamngcwaba eGibheya umuzi kaFinehasi indodana yakhe, ayewunikiwe kwelezintaba kwa-Efrayimi.


Kepha ngizozama ngakho konke okusemandleni ukuba nisale nizikhumbula njalo lezo zinto noma ngingasekho mina.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ