Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNumeri 14:31 - IsiZulu 2020

31 Kodwa abantwana benu enithe bazoba yimpango, ngiyobangenisa kulo, balazi izwe enalilahla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kepha nina abantwana enasho ukuthi niyakuba yimpango, ngiyakubangenisa, balazi izwe enalidelela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNumeri 14:31
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe wayesemupha isinkwa nesilovela samalentili. U-Esawu wadla, waphuza, wahamba. U-Esawu walidela kanjalo ilungelo lobuzibulo bakhe.


Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.


Badelela izwe elihle, babengakholwa yizwi lakhe.


Anizinakanga zonke izeluleko zami, anikwemukelanga ukusola kwami.


Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami.


Ngathi kubantwana babo ehlane: “Ningahambi ngezimiso zoyihlo, ningazigcini izehlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.


USimakade usiletheleni kuleli lizwe, ukuba sife ngenkemba na? Omkethu nabantwana bethu bayakuba yimpango, kungcono kithi ukuba siphindele eGibhithe.”


kuHezironi: ngumndeni wabakwaHezironi; kuKharimi: ngumndeni wabakwaKharimi.


Akukho namunye owasalayo phakathi kwalabo ababebalwe nguMose no-Aroni, umphristi, okuyibona ababala abakwa-Israyeli ehlane iSinayi,


“Kepha bakushaya indiva lokho, bahamba; omunye waya ensimini yakhe, omunye waya lapho ayethengisela khona.


“ ‘Bonani nina zideleli nimangale, nibhubhe, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayukuwukholwa ngisho noma kungakhona onilandisa ngawo.’ ”


Izingane zenu, lezi ezingakwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, enathi zizoba yimpango, yizona eziyongena kulo, ngizolinika zona, zilidle.


Waphakamisa abantwana babo esikhundleni sabo, uJoshuwa wabasoka ngokuba babengasokwanga endleleni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ