Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 9:38 - IsiZulu 2020

38 “Ngenxa yakho konke lokho, manje sesenza isivumelwano, sisibhala phansi, abaholi bethu, abaLevi bethu nabaphristi bethu bashaya isigxivizo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 “Ngenxa yakho konke lokho senza isivumelwano esiqinisileyo, sasiloba; kwanamatheliswa ngophawu yizikhulu zethu, namaLevi ethu, nabapristi bethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Futhi ngenxa yakho konke lokhu senza isivumelwano esiqinile futhi sisilobe; nezikhulu zethu, namaLevi, nabapristi bethu, bayawunamathelisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 9:38
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade ukuthi izomlandela, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, nokuthi iyogcina wonke amazwi alesi sivumelwano esibhalwe kule ncwadi. Bonke abantu basamukela isivumelwano.


UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kwakhe nabantu bonke nenkosi ukuba babe ngabantu bakaSimakade.


Manje kusenhliziyweni yami ukuba ngenze isivumelwano noSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuze ulaka lwakhe lusuke kithi.


Inkosi yema endaweni yayo, yenza isivumelwano phambi kukaSimakade, sokuthi izomlandela uSimakade, igcine imiyalo yakhe, ubufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yayo yonke, nangomphefumulo wayo wonke, futhi iyakuwagcina amazwi esivumelwano ayelotshwe kule ncwadi.


Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.


Abashaya isigxivizo kwaba yilaba: uNehemiya umbusi, indodana kaHakaliya, uZedekiya,


bahlanganyela nabafowabo nezikhulu zabo, benza isifungo esimbaxambili, sokuthi bazohamba ngomthetho kaNkulunkulu awunika uMose, inceku yakhe, nokuthi bazoyigcina yonke imiyalelo kaSimakade iNkosi yabo, nayo yonke imithetho nezimiso zakhe; uma besephula leso sifungo, siyophenduka isiqalekiso.


Omunye uyakuthi: ‘NgingokaSimakade;’ omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe, omunye alobe esandleni sakhe, ngingokaSimakade, azibize ngegama lika-Israyeli.”


Base behamba, balilinda iliba; babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ