Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 9:37 - IsiZulu 2020

37 Ngenxa yezono zethu, isivuno salo esikhulu sesidliwa ngamakhosi owabeke phezu kwethu. Abusa thina nemfuyo yethu ngokuthanda kwawo. Sisenhluphekweni enkulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Lithelela kakhulu amakhosi owabeke phezu kwethu ngenxa yezono zethu; abusa phezu kwemizimba yethu naphezu kwezinkomo zethu njengokuthanda kwawo; thina sisekuhluphekeni okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Futhi inika amakhosi isivuno esikhulu owawabeka phezu kwethu ngenxa yezono zethu; futhi bayabusa phezu kwemizimba yethu nezinkomo zethu njengokuthanda kwabo, futhi sisekuhluphekeni okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 9:37
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Manje makwazeke enkosini ukuthi uma lo muzi nezingange zawo kwakhiwa kabusha kuphele, abantu bazoyeka ukukhokha intela, imali yendlela, nentela yasebukhosini izokwehla.


“Ngishaya umthetho maqondana nalezo zikhulu zabaJuda ezizokwakha kabusha le ndlu kaNkulunkulu, ngithi: izindleko zokukhokhela laba bantu mazikhokhwe ngokuphelele nsuku zonke, ziphume emalini yasebukhosini, etholakala ngentela evela esifundazweni entshonalanga yeYufrathe, ukuze lowo msebenzi ungami.


Futhi siyanazisa ukuthi anivunyelwe ukukhokhisa intela abaphristi, abaLevi, abaculi, abalindisango, izisebenzi zasethempelini nezinye izisebenzi ezisebenza kule ndlu kaNkulunkulu.


Ngathi kulo: “Sisanda kubahlenga ngokusemandleni ethu abafowethu abangabaJuda, abebekade bethengiselwe ezinye izizwe; manje senidayisa ngabafowenu, sekufanele sibathenge kini na?” Bathula bathi du, ngoba bengenamazwi okuphendula.


Abasixoshayo basihleli entanyeni, sikhathele, asikutholi ukuphumula.


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Bamphendula, bathi: “Thina singabolibo luka-Abhrahama, asikaze sibe yizigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”


Izithelo zomhlabathi wakho nawo wonke umphumela wokusebenza kwakho, kuyodliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe nsuku zonke.


Uyotshala izivini, usebenze, kodwa awuyukuliphuza iwayini noma ubuthe isivuno sazo, ngokuba siyodliwa ngumswenya.


Uyozikhonza izitha zakho uSimakade ayozithumela kuwe ngokulamba, ngokoma, ngobunqunu, nangokweswela izinto zonke, uyobeka ijoka lensimbi entanyeni yakho, aze akubhubhise.


Siyokudla isithelo semfuyo yakho, nesomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, asiyukushiya okusanhlamvu, iwayini elisha, amafutha amasha, amankonyane, amazinyane ezimvu zakho, size sikushaye sikubhuqe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ