Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 9:25 - IsiZulu 2020

25 Banqoba imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo; badla izindlu ezigcwele yonke into enhle, imithombo embiweyo, izivini, amasimu emikhiwane nezithelo eziningi ezidliwayo. Badla, basutha, banonophala, bawuthokozela umusa wakho omkhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Bathatha imizi ebiyelweyo nezwe elivundileyo, badla izindlu ezigcwele okuhle konke: imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi eminingi yokudliwa; badla-ke, basutha, bakhuluphala, benama ngobuhle bakho obukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Bathatha imizi eqinile nezwe elivundile, badla izindlu ezigcwele konke, imithombo embiweyo, nezivini, neminqumo, nemithi yezithelo ngobuningi; badla, basutha, bakhuluphala, bajabula ngobuhle bakho obukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 9:25
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kunalokho wenze okubi ukwedlula bonke abakwendulela; uhambile wayozenzela onkulunkulu, nezinye izithombe ezibunjiweyo, wavusa ulaka lwami, wangitshinga nyovane.


Ngosuku lwesishiyagalombili wabamukisa abantu, bayibusisa inkosi, babuyela emathendeni abo bejabula, bethokoza ngakho konke okuhle uSimakade akwenzile kuDavide, inceku yakhe, naku-Israyeli, abantu bakhe.


Ngisho embusweni wabo, ebuhleni obukhulu obenzele bona, nasezweni elibanzi nelivundileyo obanike lona, abazange bakukhonze, abaphendukanga emisebenzini yabo emibi.


Wabapha amazwe abezizwe, badla umcebo wabezizwe,


Unyaka uwuhlobisa ngobumnene bakho, imikhondo yakho iconsa amafutha.


funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi: ‘USimakade ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.


Yenza inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, izindlebe zabo zibe buthuntu; ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”


Ngiyakuwukhumbula umusa kaSimakade, ngimdumise uSimakade ngakho konke asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayenzele khona, ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.


Nganingenisa ezweni elivundileyo ukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo; kepha lapho seningenile, nalingcolisa izwe lami, nenza ifa lami laba yisinengiso.


Ngiyakwenelisa umphefumulo wabaphristi ngamanoni, abantu bami basuthe ngokuhle okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Bangena balidla, kodwa kabalilalenga izwi lakho, abahambanga ngemithetho yakho, konke owawubayale ngakho ukuba bakwenze abakwenzanga; wabe-ke usuwehlisela kubo yonke inhlekelele.


“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.


Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinothileyo zesifunda, akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu: uyakuhlakaza phakathi kwabo impango, nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhashana.


Basutha ngokwamadlelo abo, kuthe sebesuthi bazigqaja, base bengikhohlwa Mina.


Kuyakuthi emveni kwalokho abantu bakwa-Israyeli baphenduke, bafune uSimakade uNkulunkulu wabo noDavide inkosi yabo, bayakuzithoba kuSimakade nasebuhleni bakhe ekupheleni kwezinsuku.


Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na?


Yonke leyo mizi yayibiyelwe ngezingange eziphakemeyo, inamasango nemigoqo, ngaphandle kwemizana eminingi kakhulu eyayingabiyelwe.


“Wamkhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa uju edwaleni, namafutha eweni lensengetsha.


Wadla izaqheqhe zemihlambi, ubisi lwezimvu, amafutha amawundlu, izinqama zohlobo lwaseBhashani, izimbuzi, namanoni kakolo wekhethelo; waphuza iwayini livela egazini lamagilebhisi.


“UJeshuruni wakhuluphala, wayesekhahlela; usekhuluphele, uzimukile, futhi uchachambile. Wamshiya uNkulunkulu owamenza, waledelela iDwala lensindiso yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ