Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 9:19 - IsiZulu 2020

19 “Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 nokho wena ngomusa wakho omkhulu awubashiyanga ehlane; insika yefu ayisukanga phezu kwabo emini ukubahola endleleni, nensika yomlilo ebusuku ukubakhanyisela endleleni ababeyakuhamba ngayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kepha awubashiyanga ngobuningi bobubele bakho ehlane; insika yefu ayizange isuke kubo emini ukubaqondisa endleleni; nensika yomlilo ebusuku ukubabonisa ukukhanya nendlela okufanele bahambe ngayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 9:19
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Emini wawubahola ngensika yefu, ebusuku ngensika yomlilo eyayibakhanyisela endleleni ababehamba kuyo.”


Wawusubanikela ezitheni zabo ukuba zibacindezele. Kepha lapho sebesenhluphekweni, bakhala kuwe, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho esikhulu, wabanika abakhululi ukubakhulula ezitheni zabo.


Nokho ngomusa wakho omkhulu, awubabhubhisanga, futhi awubalahlanga, ngokuba unguNkulunkulu onesihawu nomusa.


Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


owahola abantu bakhe ehlane, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Kwakuthi lapho ifu liphakanyiswa phezu kwethabanakeli, abantu bakwa-Israyeli baqhubeke nohambo lwabo.


Ngokuba ifu likaSimakade laliba phezu kwethabanakeli emini, kuthi ebusuku kube khona umlilo efini. Bonke abakwa-Israyeli babekubona lokhu kuleyo naleyo ngxenye yohambo lwabo.


“Khumbula lezi zinto, Jakobe, wena Israyeli, ngokuba uyinceku yami; ngikudalile, uyinceku yami; Israyeli, angiyukukukhohlwa.


Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


Nokho iso lami lababheka ngesihawu ukuba ngingababhubhisi, ngingabaqedi nya ehlane.


Nokho ngayeka ukukwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


Kepha kuyo iNkosi, uNkulunkulu wethu, kukhona umusa nokuthethelela, ngokuba simhlubukile,


“Ngokuba Mina Simakade angiguquki, nani madodana kaJakobe anikapheli nya.


Bayotshela izakhamuzi zaleli lizwe. Sizwile ukuthi Wena Simakade uphakathi kwalaba bantu, ngokuba Wena Simakade bayakubona ubuso nobuso; ifu lakho lima phezu kwabo njengensika, nokuthi Wena uhamba phambi kwabo ngensika yefu emini, nangensika yomlilo ebusuku.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


USimakade akayukubashiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwaba kuhle kuSimakade ukuba azenzele nina nibe ngabantu bakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ