Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 8:17 - IsiZulu 2020

17 Lonke ibandla lababekade bethunjiwe, lakha amadokodo, lahlala kuwo. Kwakungokokuqala kwenzeka kanje, kusukela ezinsukwini zikaJoshuwa, indodana kaNuni, kuze kube namuhla, abantu bakwa-Israyeli babengakaze benze kanjalo. Umkhosi bawugubha ngenjabulo enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa, indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa-Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ibandla lonke lababebuyile ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala phansi kwamadokodo; ngoba kusukela emihleni kaJeshuwa indodana kaNuni kuze kube yilolosuku abantwana bakoIsrayeli kabakwenzanga lokho. Futhi kwakukhona injabulo enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 8:17
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Badla, baphuza phambi kukaSimakade ngalolo lusuku, bathokoza kakhulu. USolomoni, indodana kaDavide, baphinda okwesibili bambeka, bamgcobela uSimakade ukuba abe ngumbusi, uZadoki abe ngumphristi.


Kwakukhona ukuthokoza okukhulu eJerusalema, ngokuba kusukela ngesikhathi sikaSolomoni, indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli, akukaze kube khona ukujabula okunjalo eJerusalema.


Kwakungakaze kwenziwe iphasika elinjengalelo, kusukela emihleni kaSamuweli, umphrofethi, kwa-Israyeli. Wonke amakhosi akwa-Israyeli ayengakaze aligcine iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabaphristi, abaLevi, uJuda wonke, no-Israyeli wonke bendawonye, nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema.


njengalokhu kufanele, imihla ngemihla. Wayenikela njengokomyalo kaMose, ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo. Wayenikela kathathu ngonyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.


Bagubha umkhosi wamadokodo, njengokomthetho, banikela ngeminikelo yokushiswa usuku nosuku, ngokwenani elinqunyelwe usuku nosuku, njengoba kulotshiwe.


ULizwi waba ngumuntu, wahlala phakathi kwethu. Sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo yozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Uyogcina umkhosi kuSimakade uNkulunkulu wakho izinsuku eziyisikhombisa, endaweni uSimakade ayoyikhetha, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyokuwubusisa wonke umkhiqizo wakho, nawo wonke umsebenzi wezandla zakho, uthokoze kakhulu.


Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngokukholwa, waba ngumfokazi ezweni lesithembiso, izwe angalazi, ehlala emathendeni beno-Isaka noJakobe, ababeyizindlalifa kanye naye zaleso sithembiso,


Ngokuba ukuba uJoshuwa wayebafikisile endaweni yokuphumula, wayengayukuphinda akhulume ngolunye usuku.


Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ