Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 6:17 - IsiZulu 2020

17 Phezu kwalokho izikhulu zakwaJuda, ngalezo zinsuku, zazibhalelana noThobiya,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Phezu kwalokho abakhulu bakwaJuda bathuma ngalezo zinsuku izincwadi eziningi kuThobiya, nezikaThobiya zafika kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngaphezu kwalokho, izikhulu zakwaJuda zathumela izincwadi eziningi kuThobiya ngalezo zinsuku, nezincwadi zikaThobiya zafika kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 6:17
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.


Ngaphambi kwalokho, u-Eliyashibhi, umphristi owayengamele amagumbi endlu kaNkulunkulu wethu, eyisihlobo sikaThobiya,


Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo.


Ngacabangisisa ngalolu daba, izikhulu nabaholi ngababeka icala, ngathi kubo: “Nina nonke nibakhokhisa inzalo abantu bakini.” Ngabiza ibandla elikhulu ukuba libhekane nabo.


Kwathi lapho zonke izitha zethu zizwa ngalokho, nazo zonke izizwe esasakhelene nazo, zesaba kakhulu, zadikibala, ngokuba zabona ukuthi lowo msebenzi waphumelela ngosizo lukaNkulunkulu wethu.


ngokuba abaJuda abaningi babenesibopho sesifungo ababesenze naye, ngoba wayeganwe yindodakazi kaShekhaniya, indodana ka-Ara, indodana yakhe, uJehohanani, iganwe yindodakazi kaMeshulami, indodana kaBherekhiya.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ