Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 13:28 - IsiZulu 2020

28 UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Enye yamadodana kaJoyada indodana ka-Eliyashibi umpristi omkhulu yayingumkhwenyana kaSanibalati umHoroni; ngamxosha kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Enye yamadodana kaJehoyada indodana ka-Eliyashibi, umpristi omkhulu, yayingumkhwenyana kaSanibhalati umHoroni; ngalokho ngamxosha kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 13:28
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nokuthi uma bengafinyelelanga emhlanganweni ngezinsuku ezintathu, bayokwephucwa yonke impahla yabo, badingiswe enhlanganweni yabathunjwa ngokwesinqumo sabaphethe nezikhulu.


UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibhi; u-Eliyashibhi wazala uJoyada;


AbaLevi babhalwa emihleni ka-Eliyashibhi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa; njengezinhloko zemindeni yoyise nabaphristi ekubuseni kukaDariyu, umPheresiya.


Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.


Kodwa lapho uSanibhalathi, umHoroni noThobiya, inceku yakwa-Amoni, bezwa ukuthi kufike umuntu ozosebenzela inhlalakahle ka-Israyeli, bacunuka kakhulu.


Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?”


Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.


Kwathi ukuba uSanibhalathi ezwe ukuthi sase silwakha kabusha ugange, wathukuthela wagana unwabu, wabhodla umlilo, wabaklolodela abaJuda.


Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.


Inkosi ehlakaniphileyo iyazihlakaza izikhohlakali; ukushinga kwazo ikuthele phezu kwazo.


Inkosi ehlezi esihlalweni sokwehlulela, ihlunga konke okubi ngamehlo ayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ