Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 12:47 - IsiZulu 2020

47 ezinsukwini zikaZerubhabhele noNehemiya, wonke u-Israyeli wanikela ingxenye yansuku zonke ukubonelela abaculi nabalindisango. Bahlukanisa lokho okwakungokwabaLevi, nabaLevi bakuhlukanisela abozalo luka-Aroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Wonke u-Israyeli wayesenika emihleni kaZerubabele nasemihleni kaNehemiya abahlabeleli nabalindisango izabelo njengokufunekayo imihla ngemihla; bakungcwelisela amaLevi, namaLevi akungcwelisela amadodana ka-Aroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Wonke u-Israyeli emihleni kaZerubabele nangezinsuku zikaNehemiya wayenika izabelo zabahlabeleli nabalindisango, usuku ngalunye isabelo salo; bazingcwelisela amaLevi izipho ezingcwele; amaLevi angcwelisela amadodana ka-Aroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 12:47
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isabelo sakhe ayesiphiwa yinkosi, sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


Bahamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela, bathi: “Sihambile saya enkanjini yabase-Aramu; bekukhala ibhungane, kungekho muntu, kungekho ngisho umsindo wodwa lo, kuphela amahhashi, nezimbongolo okuboshiweyo, namathende enjengalokhu enjalo.”


bafika noZerubhabhele, uJeshuwa, uNehemiya, uSeraya, uRehelaya, uMoridekhayi, uBhilishani, uMisiphari, uBhigivayi, uRehumi noBhahana. Inani lamadoda akwa-Israyeli lalimi kanje:


Abaculi babephethwe ngumyalelo wenkosi owawuqondisa abakwenzayo nsuku zonke.


Nampa abaphristi nabaLevi ababuya noZerubhabhele, indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa: uSeraya, uJeremiya, u-Ezra,


Emihleni kaJoyakimi, izinhloko zoyise babaphristi kwakuyilezi: ekaSeraya: nguMeraya; ekaJeremiya: nguHananiya;


Labo babekhona ezinsukwini zikaJoyakimi, indodana kaJeshuwa, kaJozadaki, nasezinsukwini zikaNehemiya umbusi, nomphristi u-Ezra, umbhali.


Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo ezintweni zonke ezinhle.


Uyodla isabelo esilingana nesabanye, ngisho noma ebethole okuthile ngokuthengisa ngefa likayise.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ