Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 12:27 - IsiZulu 2020

27 Ngomkhosi wokubusiswa kogange eJerusalema abaLevi bafunwa ezindaweni zabo zonke, ukuba bayiswe eJerusalema ukuyogubha umkhosi ngentokozo, ngokubonga, ngokuhlabelela, ngamasimbali, ngezigubhu nangamahabhu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ekuhlanjululweni kogange lwaseJerusalema bafuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba ayiswe eJerusalema ukwenza ukuhlambulula ngokuthokoza, nangokubonga, nangokuhlabelela ngamasimbali* nangezingubhu nangamahabhu.*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ekwehlukaniselweni kogange lwaseJerusalema afuna amaLevi ezindaweni zawo zonke ukuba awalethe eJerusalema, ukugubha ukuhlanjululwa ngenjabulo, nangokubonga nangokuhlabelela, namasimbali, namahabhu, nangezinsimbi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 12:27
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi uDavide yabikelwa ukuthi uSimakade uyibusisile indlu ka-Obhede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wawunyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obhede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide, ethokozile.


USolomoni wanikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula, awunikela kuSimakade, izinkunzi eziyizi-22 000, nezimvu eziyizi-120 000. Inkosi nabo bonke abakwa-Israyeli bayibusisa indlu kaSimakade.


UDavide naye wonke u-Israyeli babethokoza phambi kukaNkulunkulu ngamandla abo wonke, behuba amahubo ngamahabhu, ngezingubhu, ngezigubhu, ngamasimbali nangamacilongo.


Wathi kubo: “Nina niyizinhloko zezindlu zoyise babaLevi, zingcweliseni, nina nabafowenu, ukuba nikhuphule umphongolo kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, niwuyise endaweni engiwulungisele yona.


UDavide watshela abaholi babaLevi ukuba babeke abafowabo, abahlabeleli bashaye izinsimbi ezishaywayo, izingubhu, amahabhu, amasimbali, bakushaye, bamemeze ngokuthokoza.


Wonke u-Israyeli wawukhuphula kanjalo-ke umphongolo wesivumelwano sikaSimakade; ngokukhamuluka nangomsindo womtshingo, amacilongo, amasimbali, ebetha izingubhu namahabhu.


UHemani noJeduthumi babephethe amacilongo namasimbali okushaywa, nezinye izinsimbi zokubethwa kudunyiswa uNkulunkulu. Amadodana kaJeduthumi aqokwa amiswa ngasesangweni.


U-Asafa nguye owayengamele nesigaba sakhe sesibili, uZakhariya, uJeyiyeli, uShemiramothi, uJehiyeli, uMathithiya, u-Eliyabe, uBhenaya, u-Obhede Edomi noJeyiyeli, bephethe izingubhu namahabhu, u-Asafa ephethe amasimbali, ewashaya.


Abayizi-4 000 bayoba ngabalindisango, kuthi abayizi-4 000 badumise uSimakade ngezinto engazenzela ukudumisa.


KumaHebhroni, nguJeriya owayeyinhloko yezizukulwane ngokwezindlu zoyise. Ngonyaka wama-40 wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwatholakala phakathi kwabo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.


Wamisa abaLevi endlini kaSimakade bephethe amasimbali, izingubhu namahabhu njengalokhu uDavide noGadi, umboni wenkosi, noNathani umphrofethi, babeyalezile, ngokuba isiyalezo sasivela kuSimakade ngomlomo wabaphrofethi bakhe.


UHezekiya, inkosi, nezikhulu bayala abaLevi ukuba badumise uSimakade ngamazwi kaDavide nangaka-Asafa, umboni. Badumisa ngokuthokoza, bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka.


Kwakungumsebenzi walabo ababephethe amacilongo nabahlabeleli ukuba bezwakalise kanyekanye, ngazwi linye, indumiso nokubonga kuSimakade. Ngesikhathi bezwakalisa indumiso ngamacilongo, amasimbali, nangazo zonke izinto zokudumisa, babedumisa uSimakade ngokuba emuhle, umusa wakhe umi phakade; indlu yagcwaliswa yifu, indlu kaSimakade.


Abaphristi nabaLevi bema ngokwezikhundla zabo, bephethe izinto ezishaywayo ezazenziwe nguDavide, inkosi, ukuba babonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesikhathi uDavide edumisa ngezandla zabo; abaphristi babeshaya amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wayemile.


Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi nabo bonke abantu ababuye ekuthunjweni, bayehlukanisela uNkulunkulu indlu ngenkulu injabulo.


Abakwa-Israyeli abaseleyo, abaphristi nabaLevi, babekuyo yonke imizi yakwaJuda, yilowo endaweni eyifa lakhe.


Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo lusuku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozise ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.


Lonke ibandla lababekade bethunjiwe, lakha amadokodo, lahlala kuwo. Kwakungokokuqala kwenzeka kanje, kusukela ezinsukwini zikaJoshuwa, indodana kaNuni, kuze kube namuhla, abantu bakwa-Israyeli babengakaze benze kanjalo. Umkhosi bawugubha ngenjabulo enkulu.


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu,


Ngiyakuphakamisa Simakade, ngokuba ungitakulile, awuvumanga ukuba izitha zami zithokoze ngami.


Uyokwenama phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, umLevi ohlala emzini wakho, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala phakathi kwenu, uyokwenza lokhu endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale khona.


“Izinduna ziyothi kubantu: ‘Iyiphi indoda eyakhe indlu entsha engakayivuli, na? Mayihambe, ibuyele endlini yayo, funa ifele empini, bese enye indoda isale iyivula.


Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani!


Kuthe isiyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angama-24 awa athi mbo ngobuso phambi kweMvana, yilelo nalelo liphethe ihabhu, nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ