UNehemiya 10:39 - IsiZulu 202039 Abakwa-Israyeli nabaLevi bayoletha okweshumi kokusanhlamvu, okwewayini namafutha omnqumo emagunjini lapho kugcinwe khona izitsha zendlu engcwele, nalapho kuhlala khona abaphristi, abalindisango nabaculi. Asiyukuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.” အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE39 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi babeyakukhuphulela umnikelo wamabele, newayini, namafutha emakamelweni, lapho kukhona izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli; besingenakuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 202439 Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaLevi bayakuletha umnikelo kakolweni, owewayini, nowamafutha emakamelweni, lapho izitsha zendlu engcwele, nabapristi abakhonzayo, nabalindisango, nabahlabeleli, futhi ngeke siyishiye indlu kaNkulunkulu wethu. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |