Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UNehemiya 10:35 - IsiZulu 2020

35 Unyaka nonyaka, sizibophezela ukwethula izithelo zokuqala zesivuno somhlabathi wethu nesemithi yonke enhlobonhlobo endlini kaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 kulethwe endlini kaJehova ulibo lomhlabathi wethu nolibo lwezithelo zemithi yezinhlobo zonke iminyaka ngeminyaka,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

35 Nokuletha ulibo lwezwe lakithi nolibo lwazo zonke izithelo zemithi yonke endlini kaJehova iminyaka ngeminyaka.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UNehemiya 10:35
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


“Konke okuhle kwamafutha amasha nakho konke okuhle kwewayini elisha nokusanhlamvu, ulibo lwalokho abanikela ngakho kuSimakade, ngikunike khona.


“Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala. “Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


Abafowenu, besizwana sakwaLevi isizwana sikayihlo, basondeze nabo ukuze bahlanganiswe nawe, bakukhonze. Kepha wena, namadodana akho, niyoba ngaphambi kwethende lobufakazi.


Lonke ulibo lokuqala lwakho lwekhethelo, konke nayo yonke iminikelo yakho, konke eminikelweni yenu yonke, kuyakuba ngokwabaphristi, nimnike umphristi ulibo lwenhlama yenu, ukuze isibusiso sihlale endlini yakho.


nayikuphi afunge ngamanga ngakho, uyokubuyisela, aze athasisele okwesihlanu kukho, uyokunika lowo obelahlekelwe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.


Uyoletha kuSimakade umnikelo wakhe wecala, ube yinqama engenasici ayithathe emhlanjini noma olingana nayo ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumphristi,


Ngabuye ngahlela ukulethwa kwezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo, nokwethulwa kwesivuno sokuqala. Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngokuhle engikwenzileyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ