UNahume 1:3 - IsiZulu 20203 USimakade uyaphuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, impela onecala akayukumyeka angamjezisi, indlela kaSimakade isesivunguvungwini nasesiphephweni, amafu awuthuli lwezinyawo zakhe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE3 UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20243 UJehova uyabekezela, unamandla amakhulu; akayikumyeka ababi abe msulwa; UJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu awuthuli lwezinyawo zakhe. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.