Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 6:6 - IsiZulu 2020

6 Ngisho angaphila iminyaka eyinkulungwane ephindwe kabili, kepha engehlelwa ngokuhle, kanti bonke abayi yini endaweni eyodwa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwe kabili, akabonanga lutho oluhle; abayi bonke endaweni eyodwa?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 6:6
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa.


wathi: “Ngaphuma ngize esizalweni sikamame, futhi ngizobuyela khona ngize. USimakade usisile, uSimakade usethathile; malibongwe igama likaSimakade.”


Ngiyazi ukuthi uzongiyisa ekufeni nasendlini okubuthanela kuyo bonke abaphilayo.


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.


Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na?


uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Umuntu ohlakaniphile uyabona ukuthi uyaphi, kodwa isiwula sidukuza ebumnyameni. Kodwa ngabona ukuthi siyafana isiphetho sabo bobabili.


Konke kuya endaweni eyodwa; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.


Uma umuntu ezele abantwana abayikhulu, aphile iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa angathokozeli izinto ezinhle empilweni, futhi angangcwatshwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,


Akulibonanga ilanga, akwazi lutho, kodwa khona kuthola ukuphumula kunaye.


Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.


Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.


“Kusukela lapho akusayukuba khona usana oluyophila izinsukwana, nexhegu elingazigcwalisanga izinsuku zalo, ngokuba oyakufa eneminyaka eyikhulu yobudala, uyothathwa njengobesemusha; nalowo ofa engayihlanganisanga iminyaka eyikhulu, kuyakuthiwa uqalekisiwe.


Abayukwakha, bese kuhlala omunye; abayukutshala, bese kudla omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyokuba njengezinsuku zomuthi; abakhethiweyo bami bayowuthokozela isikhathi eside umsebenzi wezandla zabo.


Uyakuba njengesihlahla ogwadule, akayukukubona okuhle noma kuza kuye, uyakuhlala ezindaweni ezigagadekile ehlane, ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.


Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ