Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 5:2 - IsiZulu 2020

2 Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ungabi namawala ngomlomo wakho, nenhliziyo yakho mayingasheshi ukukhipha izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngalokho amazwi akho mawabe yingcosana.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ungasheshi ngomlomo wakho, futhi inhliziyo yakho mayingasheshi ukukhuluma phambi kukaNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu usezulwini, wena usemhlabeni; ngakho-ke amazwi akho kufanele abe mancane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 5:2
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abhrahama waphendula wathi: “Njengalokhu sengize ngazidela ngakhuluma eNkosini yize ngiwuthuli nomlotha nje,


Wayesethi: “Ngicela iNkosi ingangithukutheleli kengiphawule. Mhlawumbe kwenzeke kutholakale abangama-30.” Yaphendula yathi: “Angiyukuwubhubhisa uma ngithola abangama-30.”


Wayesethi: “Ngicela Nkosi ungangicasukeli, ngiphawule okokugcina. Mhlawumbe kwenzeke kutholakale lapho abalishumi.” Yaphendula yathi: “Ngenxa yabalishumi angiyukuwubhubhisa.”


UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoba nami, angivikele kulolu hambo lwami, angiphe ukudla nokokwembatha,


naleli litshe engilimisileyo laba yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, bese kuthi konke ozongipha khona ngikunikele kuwe, kube ngokweshumi.”


UNkulunkulu wethu usezulwini, wenza konke ngokuthanda kwakhe.


Lapho kunokukhuluma okuningi akupheli ukona; othiba ulimi lwakhe uhlakaniphile.


Kulugibe kumuntu ukusho ngokushesha athi: “Kungcwele,” bese ecabanga kamuva ngesifungo asenzile.


Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo, kodwa awesiwula ayasibhubhisa.


Siwuvula nje umlomo waso sikhuluma ubuwula, kuthi ekugcineni inkulumo yaso ibe ngukuhlanya okubi.


Ngokuba iphupho livela nemisebenzi eminingi; nezwi lesiwula linamagama amaningi.


Lapho kunamaphupho amaningi, kukhona nokuyize, namazwi angelutho amaningi, kodwa mesabe uNkulunkulu.


“Njengalokhu amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.


“ ‘Uma umuntu efunga egomela ngomlomo wakhe ukwenza okubi noma okuhle, kumbe akhulume budlabha afunge, engakucabangisisile, lapho esazi uyoba necala lokunye kwalokho.


Kepha uma nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bacabanga ukuthi bayakuzwakala ngokukhuluma kwabo okuningi.


Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


Yafunga kuyo yathi: “Noma yini oyicelayo kimi ngizakukunika yona, noma ngabe yingxenye yombuso wami.”


Ngokuba sonke siyakhubeka ngezindlela eziningi. Uma umuntu engakhubeki ngezwi alikhulumayo, lowo ungophelele impela, umuntu okwazi ukubamba umzimba wakhe wonke ngokungathi ngetomu.


UJeftha wenza isifungo kuSimakade, wathi: “Uma uyakunikela abakwa-Amoni esandleni sami,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ