Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 3:20 - IsiZulu 2020

20 Konke kuya endaweni eyodwa; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Konke kuya endaweni inye; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Bonke baya endaweni eyodwa; bonke bavela othulini, futhi bonke babuyela othulini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 3:20
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isiyonke iminyaka yokuphila kuka-Ishmayeli yayiyi-137. Wafa, wangcwatshwa koyisemkhulu.


U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Kepha umuntu uyafa, abe buthakathaka, umuntu obhubhile uphi na?


Uma umuntu efa, uyakubuye aphile yini na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukuphunyuzwa kwami.


Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami, ngendlale ukhukho lwami ebumnyameni,


“Impela umuntu akayukumfulathela owentulayo lapho esekuhluphekeni, ekhala ecela usizo.


bonke abantu bayakufa kanyekanye, umuntu abuyele othulini.


Njengokuba ifu linyamalala lingabe lisaba bikho, unjalo-ke owehlele endaweni yabafileyo, akasayukukhuphuka.


Ngokuba uyazi ukuthi sibunjwe kanjani, uyakhumbula ukuthi siluthuli nje.


Uyasitheza ubuso bakho, zethuke, uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.


Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa, ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Ngubani owaziyo ukuthi umoya womuntu uyenyuka kuthi owesilwane wehlele emhlabeni na?”


Ngisho angaphila iminyaka eyinkulungwane ephindwe kabili, kepha engehlelwa ngokuhle, kanti bonke abayi yini endaweni eyodwa na?


Kungcono ukuya endlini yabalilayo, kunokuya endlini lapho kunedili khona, ngokuba lokho kuyisiphetho sabo bonke, abaphilayo mabakugcine lokhu enhliziyweni.


Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye bavukele ihlazo nokunengeka kwaphakade.


Uma usulibonile, nawe uyakuyiswa koyihlomkhulu njengomfowenu u-Aroni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ