Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 2:21 - IsiZulu 2020

21 Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe wenziwe ngokuhlakanipha, nangokwazi, nangekhono, kepha nokho uyakuwunikeza kumuntu ongawushikashikanga kube yisabelo sakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba kukhona umuntu omshikashika wakhe usekuhlakanipheni, nangokwazi, nangobuqotho; kodwa kumuntu ongazange asebenze kukho, kumelwe akushiye njengesabelo sakhe. Nalokhu kuyize nobubi obukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 2:21
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza okulungileyo phambi kukaSimakade, wahamba ngezindlela zikaDavide ukhokho wakhe, kachezukelanga ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Kwakungakaze kwenziwe iphasika elinjengalelo, kusukela emihleni kaSamuweli, umphrofethi, kwa-Israyeli. Wonke amakhosi akwa-Israyeli ayengakaze aligcine iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabaphristi, abaLevi, uJuda wonke, no-Israyeli wonke bendawonye, nazo zonke izakhamuzi zaseJerusalema.


“Manje, Nkosi, ngisalindeleni na? Ithemba lami likuwe.


Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, nokuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha; umcebo wabo bawushiyele abanye.


Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo, ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo.


Ngase ngitheneka amandla, inhliziyo yami yadikibala ngawo wonke umshikashika engiwushikashike phansi komthunzi welanga.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.


“Ukuncintisana ngemisedari ngabe kukwenza ube yinkosi yini na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ubulungiswa nokulunga, kwaba kuhle kuye na?


“Kepha amehlo akho nenhliziyo yakho kusenzuzweni engalungile kuphela, ekuchitheni igazi elingenacala, ekucindezeleni, nasekwenzeni ubudlova.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ