Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 10:12 - IsiZulu 2020

12 Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo, kodwa awesiwula ayasibhubhisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa, kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Amazwi omlomo womuntu ohlakaniphileyo anomusa; kepha izindebe zesiwula ziyakuzigwinya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 10:12
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”


Benginganikhuthaza ngomlomo, induduzo yezindebe zami idambise izinhlungu zenu.


Abangibunganyele mabasibekelwe ngububi bomlomo wabo.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.


Bayakuwiswa, bahilwe lulimi lwabo, bonke abababonayo bayonikina amakhanda.


Ocifa iso udala usizi, kepha osola obala uletha ukuthula.


Ohlakaniphile ngenhliziyo uyayemukela imiyalelo, kodwa isiwula esiyiqhalaqhala, esiphafuza ubuwula, siyakubhujiswa.


Ukukhuluma kwabanye ngokuhlaphaza kufana nokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphileyo luyaphilisa.


Ulimi lwabahlakaniphileyo lukhombisa ulwazi oluhle, kodwa umlomo weziwula uphafuza ubuwula.


Umuntu uyathokoza ngempendulo yakhe, nezwi elikhulunywa ngesikhathi esifaneleyo lihle kakhulu.


Ufakazi wamanga akayukuyekwa angajeziswa, nophafuza amanga akayukuphunyuka.


Othanda inhliziyo ehlanzekileyo nonenkulumo enomusa, ungumngani wenkosi.


Njengeva elihlaba isandla sesidakwa, sinjalo nesaga emilonyeni yeziwula.


Uma evula umlomo wakhe kuphuma ukuhlakanipha, nesifundiso somusa sisolimini lwakhe.


Amazwi abahlakaniphile anjengezincijo, anjengezikhonkwane ezishayelwe zagxila, anjalo namazwi aqoqwe ngumalusi munye.


Isiwula sisonga izandla zaso, sidle inyama yaso.


Ungasheshi ukhulume ngomlomo wakho, futhi ungayivumeli inhliziyo yakho iphimise izwi phambi kukaNkulunkulu, ngokuba Yena usezulwini, wena usemhlabeni, ngakho-ke mawabe mbalwa amazwi akho.


Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?


Ukukhulumela phansi kwabahlakaniphile kuyalalelwa kunokumemeza kombusi phakathi kwezilima.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


“Wathi kuyo: ‘Ngizakwehlulela ngamazwi akho, wena nceku embi. Ubuwazi kahle ukuthi ngingumuntu olukhuni: ngithatha engingazange ngikubeke, ngivune engingakuhlwanyelanga.


Bonke bakhuluma kahle ngaye, bemangaliswa ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe, bathi: “Kanti lo akasiyo yini indodana kaJosefa na?”


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.


Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ