Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UmShumayeli 1:14 - IsiZulu 2020

14 Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; futhi bheka, konke kuyize nokuhlushwa komoya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UmShumayeli 1:14
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Yize leze, konke kuyize,” kusho uMshumayeli.


Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.


Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.


babengenakubalwa laba bantu ayebahola. Kodwa abeza emva kwakhe abayukuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Singcono isandla esisodwa esigcwele ukuthula, kunezimbili ezigcwele umshikashika, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Kungcono ukubona ngamehlo, kunokulangazelela kwenhliziyo; lokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Lapho ngifunisisa ngengqondo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni umuntu engalali ubusuku nemini,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ