UMikha 2:7 - IsiZulu 20207 Kungashiwo yini nina ndlu kaJakobe ukuthi uMoya kaSimakade uphelelwa yinisineke noma lezi yizenzo zakhe na? Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho na? အခန်းကိုကြည့်ပါ။IBHAYIBHELI ELINGCWELE7 Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe, ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile; yizenzo zakhe lezi na? “Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho? အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20247 Nina enithiwa yindlu kaJakobe, uMoya kaJehova uyanyakaziswa na? ingabe lokhu akwenzayo? Amazwi ami awabenzi yini okuhle kohamba ngobuqotho na? အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.