Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UMalaki 3:11 - IsiZulu 2020

11 “Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngiyakumkhuza odlayo ngenxa yenu, angachithi izithelo zezwe lakini; futhi umvini wakho ngeke uthele izithelo zawo ensimini ngaphambi kwesikhathi saso, kusho uJehova Sebawoti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UMalaki 3:11
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“ ‘Bengizobutha nokubutha, kepha awekho amagilebhisi namakhiwane emkhiwaneni; amaqabunga abunile engabanika khona bakwephuciwe,’ ” kusho uSimakade.


Kuyakuthi ngalolo lusuku ngiphendule, ngiyakuphendula amazulu, wona aphendule umhlaba,” kusho uSimakade.


Umvini ubunile, nomkhiwane womile; amahananadi, amasundu, izihlahla zamahhabhula nemithi yonke yasendle kubunile, impela intokozo iphelile kubantwana babantu.


Okushiywe yisikhonyane kudliwe ngamaqhwagi, nokushiywe amaqhwagi kwadliwa yisibotho, kwathi okushiywe yisibotho kwadliwa yinkasa.


Sicekele phansi umvini wami, nomkhiwane wami sawuphundla kwasala isiphunzi. Saxebula amagxolo awo sawalahla, amagatsha awo aba mhlophe qwa.


Ngiyakuyidudulela kude nani impi yasenyakatho, ngiyixoshele ezweni eligagadekile neliyincithakalo, ubuso bayo bubheke ngasolwandle empumalanga, ingemuva layo lifulathele ngasolwandle entshonalanga, ukunuka kwayo kukhuphuke, kwenyuke nephunga layo elibi, ngokuba wenze izinto ezinkulu.


Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.


“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.


“Nganishaya ngokuhwamuka nesikhutha; izivande zenu ezininingi, izivini zenu, imikhiwane yenu neminqumo yenu kwadliwa yisikhonyane, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,


Ngase ngibiza isomiso sibe phezu kwezwe, phezu kwezintaba, phezu kokusanhlamvu, phezu kwewayini elisha, phezu kwamafutha amasha, phezu kokuvezwa ngumhlabathi, phezu kwabantu, phezu kwemfuyo, naphezu kwawo wonke umshikashika wezandla.”


Nganishaya ngokuhwamuka, ngesikhunta, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


“Kuyakuba khona imbewu yokuthula, umvini uyakuthela isithelo sawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, amazulu ehlise amazolo awo. Konke lokhu ngiyakukunika insali yalaba bantu kube yifa layo.


ngiyolinika izwe lakini imvula ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yakamuva, ukuba ubuthe okusanhlamvu kwakho, iwayini elisha lakho, namafutha akho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ