Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 8:30 - IsiZulu 2020

30 UMose wathatha amafutha okugcoba, negazi elalise-althare, wafafaza ngalo u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe ayenawo lapho nezembatho zawo, wamngcwelisa u-Aroni nezembatho zakhe, namadodana akhe nezembatho zawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UMose wathatha amafutha okugcoba negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nasezingutsheni zakhe, naphezu kwamadodana akhe, nasezingutsheni zamadodana akhe kanye naye; wangcwelisa u-Aroni nezingubo zakhe namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe kanye naye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 8:30
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakumthungela u-Aroni umfowenu izingubo ezingcwele, ezinhle nezokuzihlobisa.


Uyothatha ingxenye yegazi elise-althare namafutha okugcoba ufafaze ngakho u-Aroni nezingubo zakhe, namadodana akhe nezingubo zawo, ngakho-ke yena nezingubo zakhe uyokuba ngcwele, kanjalo namadodana akhe nezingubo zawo.


“Uyogcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho lokhu uSimakade akukhuluma, wathi: “ ‘Ngalabo abaseduze nami ngiyakuzibonakalisa ngingcwele, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Lesi yisabelo esabelwa u-Aroni namadodana akhe eminikelweni yokushiswa kaSimakade, mhla belethwa ukuba bakhonze uSimakade bengabaphristi,


uSimakade ayala ngakho ukuba bakunikwe ngabantu bakwa-Israyeli mhla ebagcoba; kube yisabelo esimisiwe esiphakade ezizukulwaneni zabo.


Wathela amanye amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba, wamhlukanisela umsebenzi.


Yilawo-ke amagama amadodana ka-Aroni ayegcotshwe aba ngabaphristi abehlukaniselwe ukukhonza bengabaphristi.


Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu,


abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Ngase ngithi kulo: “Nkosi yami, nguwena owaziyo.” Lase lithi kimi: “Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ