Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:37 - IsiZulu 2020

37 Lena yindlela yomthetho eyolandelwa yeminikelo yokushiswa neminikelo yokusanhlamvu, neminikelo yesono, neminikelo yecala, nowokwehlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Lowo ungumthetho weminikelo yokushiswa, noweminikelo yempuphu, noweminikelo yesono, noweminikelo yecala, nowokwahlukaniselwa, nowomhlatshelo weminikelo yokuthula,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Lona ngumthetho womnikelo wokushiswa, nowomnikelo womlilo, nowomnikelo wesono, nowomnikelo wecala, nowokwahlukaniselwa, nowomnikelo wokubonga;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:37
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Yilokhu oyokwenza lapho usubehlukanisa ukuze bangikhonze bengabaphristi. Thatha iduna lenkomo, izinqama ezimbili okungenasici,


“Lona ngumnikelo u-Aroni namadodana akhe abayakuwunikela kuSimakade mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo ojwayelekile; ingxenye yawo ekuseni nengxenye yawo kusihlwa.


USimakade wabiza uMose wakhuluma naye esethendeni lokuhlangana, wathi:


“Uyothatha amanoni enqama, amanoni omsila, umhlwehlwe, amanoni asesibindini, izinso zombili namanoni azo, nomlenze wangakwesokudla, ngokuba yinqama yokubekwa kwabo.


“ ‘Uma engenamandla okukhipha imvu, uyoletha kuSimakade amahobhe amabili ngenxa yesono asenzileyo, noma amaphuphu amabili amajuba; elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


Waletha nenqama yesibili, inqama yokubabeka; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yayo.


UMose wayihlaba, wathatha ingxenye yegazi layo walibheca endlebeni ka-Aroni yesokunene, nasesithupheni sesandla sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lwesokunene.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ