Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:31 - IsiZulu 2020

31 Umphristi uyoshisa amanoni e-althare, kodwa isifuba kuyoba ngesika-Aroni namadodana akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Umpristi makashise amanoni e-altare, kepha isifuba sibe ngesika-Aroni nesamadodana akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Umpristi makashise amanoni e-altare, kepha isifuba sibe ngesika-Aroni nesamadodana akhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:31
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Uyothatha isifuba senqama yokugcotshwa kuka-Aroni, usizungezise, sibe ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; sibe yisabelo sakho.


Umphristi uyakukushisa lokhu kube nentuthu e-althare, kungumnikelo wokudla womlilo kuSimakade.


Umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo ube yiphunga elimnandi. Onke amanoni angakaSimakade.


Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Umphristi uyakumenzela ukubuyisana mayelana nesono sakhe asenze kunoma yiyiphi kulezo zinto, athethelelwe; okuseleyo kube ngokomphristi, kungumnikelo wokusanhlamvu.’ ”


U-Aroni namadodana akhe bayodla okusele kuwo, bakudle kungenamvubelo endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana.


Umphristi onikela umnikelo wesono, uyowudla endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana.


Isifuba sokuzungeziswa nomlenze ongumnikelo engikuthathe emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabakwa-Israyeli, ngikunike u-Aroni umphristi namadodana akhe kube yisabelo sabo esimisiweyo esiphakade esivela kubantu bakwa-Israyeli.’ ”


UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzulazuliswa phambi kukaSimakade; saba yisabelo sikaMose enqameni yokubabeka njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


“Nakhu okungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzungeziswa yabakwa-Israyeli, ngikunika wena namadodana namadodakazi akho, kube ngokwenu kuze kube phakade. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.


Inyama yalo iyoba ngeyakho: isifuba sokuzungeziswa nomlenze wangakwesokunene kuyoba ngokwakho.


Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli, nokuthi abakhonza e-althare bathola khona isabelo sabo na?


“Lokhu kuyoba yilungelo labaphristi elivela kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma yinkomo noma yimvu; bayonika umphristi umkhono, imihlathi yomibili nenanzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ