Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:30 - IsiZulu 2020

30 Uyakuwuletha ngezandla zakhe umnikelo wokushiswa kaSimakade. Uyoletha amanoni nesifuba ukuze isifuba sizungeziswe, sibe ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Izandla zakhe uqobo ziyakuletha umnikelo womlilo kaJehova, amanoni kanye nesifuba, alethe lokhu ukuba isifuba sinyakaziswe njengomnikelo wokushiswa phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:30
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli.


Mabalethe umlenze wokuzungeziswa, nesifuba sokuzungeziswa, neminikelo yomlilo yamanoni ukuba bakuzungezise, kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade. Kuyoba ngokwakho nokwamadodana akho, kuyisabelo senu saphakade, njengalokhu uSimakade eyalile.”


Uyothatha kuso, anikele kube ngumnikelo wakhe womlilo kuSimakade: amanoni amboze ezangaphakathi zaso, nawo wonke akwezangaphakathi,


Amanoni alo awathathe emnikelweni wokuthula, uyowanikela abe ngumnikelo womlilo kuSimakade: wonke umsila walo osikwe emgogodleni, amanoni emboze ezangaphakathi, nawo wonke amanoni aphezu kwezangaphakathi,


konke lokhu wakunika u-Aroni namadodana akhe ezandleni, wakuzulazulisa kwaba ngumnikelo wokuzulazuliswa phambi kukaSimakade.


UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzulazuliswa phambi kukaSimakade; saba yisabelo sikaMose enqameni yokubabeka njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


awabeka phezu kwesifuba; wawashisa kwaba nentuthu e-althare;


izifuba, nomlenze wangakwesokunene u-Aroni wakuzungezisa, kwaba ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade njengalokhu ayeyalile uMose.


Umphristi akuzungezise, kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; lokhu kungcwele kumphristi nesifuba sokuzungeziswa nomlenze wokuzungeziswa. Emveni kwalokho umnaziri angaliphuza iwayini.


U-Aroni uyobaletha abaLevi phambi kukaSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa ovela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi kaSimakade.


Akekho ongangephuca ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami. Nginegunya lokukudela, negunya lokubuye ngikuthathe. Lo myalo ngiwamukele uvela kuBaba.”


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


“Lokhu kuyoba yilungelo labaphristi elivela kubantu abanikela ngomhlatshelo, noma yinkomo noma yimvu; bayonika umphristi umkhono, imihlathi yomibili nenanzi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ