Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:25 - IsiZulu 2020

25 Ngokuba oyokudla amanoni enkomo enikelwa kuSimakade ibe ngumnikelo womlilo, lowo owudlayo uyakudingiswa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngokuba yilowo nalowo odla amanoni enkomo okunikelwa ngayo ibe ngumnikelo womlilo kuJehova, lowo muntu owadlayo uyakunqunywa kubantu bakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngoba loba ngubani odla amahwahwa esilwane anikela kuso umnikelo womlilo eNkosini, umphefumulo owadlayo uzabhujiswa usuke ebantwini bakibo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:25
8 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”


Uyobuye ukuthathe ezandleni zabo ukushise e-althare phezu komnikelo wokushiswa kube yiphunga elimnandi phambi kukaSimakade; kungumnikelo womlilo kuSimakade.


“ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”


Kepha oyokudla inyama yomhlatshelo wokuthula kaSimakade esangcolile uyonqunywa.


Uma umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu, noma isilwane esingcolileyo, noma into engcolileyo, enengekayo, bese edla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula kaSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.’ ”


Amanoni engcuba nawokudweshulwe yisilwane sasendle angasetshenziselwa yonke eminye imisebenzi, kodwa aniyukuwadla nhlobo.


Aniyukulidla igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo kunoma yiyiphi yezindlu zenu.


Oyodla igazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ