Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:21 - IsiZulu 2020

21 Uma umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu, noma isilwane esingcolileyo, noma into engcolileyo, enengekayo, bese edla inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula kaSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Umphefumulo othinta noma yini engcolile, ukungcola komuntu, noma yisiphi isilwane esingcolile noma into enengekayo eyisinengiso, bese edla inyama yomnikelo wokubonga engekaJehova, lowo mphefumulo uyakunqunywa esandleni sakhe abantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:21
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”


Niyakudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. Ngosuku lokuqala niyakukhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla isinkwa esinemvubelo kusukela osukwini lokuqala kuze kube lusuku lwesikhombisa uyodingiswa kwa-Israyeli.


Ngezinsuku eziyisikhombisa akuyukutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba lowo oyokudla okunemvubelo uyonqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma ngabe ngumfokazi noma ngumnsinsi wokuzimilela.


Ngakho-ke batshele lokhu, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Nina nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho niyakulidla kanjani izwe libe yifa lenu na?


Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”


“ ‘Zonke izinambuzane ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ziyisinengiso kini.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


Ngokuba impilo yazo zonke izidalwa igazi lazo nomphefumulo wazo kusegazini lazo, ngalokho ngathi kubantu bakwa-Israyeli: “Aniyukulidla igazi lenyama yonke, ngokuba ukuphila kwazo zonke izidalwa kusegazini lazo; lowo olidlayo uyonqunywa.”


“ ‘Noma ngubani oyokwenza lezi zinengiso, lowo muntu uyonqunywa kwabakubo.


Noma ngubani oyoyidla, uyothwala ububi bakhe, ngokuba ungcolise okungcwele kukaSimakade, lowo muntu uyonqunywa kubantu bakubo.


Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.


“Yisho kubo uthi: ‘Yilowo nalowo, ozalweni lwenu lonke nakuzo zonke izizukulwane zenu, oyosondela ezintweni ezingcwele abantu bakwa-Israyeli abazehlukanisile njengezingcwele kuSimakade, ebe engcolile, lowo muntu uyonqunywa phambi kwami; nginguSimakade.


“ ‘Yilowo nalowo wozalo luka-Aroni onochoko noma omfimfayo akayukuzidla izinto ezingcwele aze ahlambuluke, nalowo othinta okungcoliswe yisidumbu, noma ngumuntu oshaywe yizibuko,


Yilowo nalowo muntu ongayikuzithoba ngalolo lusuku uyonqunywa kubantu bakubo.


Kepha oyokudla inyama yomhlatshelo wokuthula kaSimakade esangcolile uyonqunywa.


Ngokuba oyokudla amanoni enkomo enikelwa kuSimakade ibe ngumnikelo womlilo, lowo owudlayo uyakudingiswa.


Oyodla igazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


Konke okuyothintwa ngumuntu ongcolileyo kuyoba ngokungcolile; umuntu oyokuthinta uyoba ngongcolileyo kuze kuhlwe.’ ”


Kepha zonke ezingenawo amaphiko nezingcwecwe aniyukuzidla; zingcolile kini.


Ngalolo lusuku uSawule akashongo lutho, ngokuba wacabanga, wathi: “Hleze kukhona okuthile okumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ