Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 7:18 - IsiZulu 2020

18 Uma nje inyama yomnikelo wakhe wokuthula idliwe ngosuku lwesithathu, umnikelo wakhe awuyukwamukeleka, futhi awuyukubalelwa kulowo owunikeleyo; uyakuba yisinengiso, kanjalo nomuntu oyidlayo uyothwala icala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Uma inyama yeminikelo yakhe yokuthula idliwa nokuncane ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, futhi ayiyikubalelwa onikelayo; kuyakuba yisinengiso, nomphefumulo odlayo. Kuwo uyakuthwala ububi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 7:18
31 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


abahlala emathuneni, balale ezindaweni ezisithekileyo, abadla inyama yezingulube, benomhluzi wezinto ezinengekayo ezitsheni zabo,


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


Usho kanje uSimakade kulaba bantu, uthi: “Njengoba bethandile ukuzulazula, bangazinqanda izinyawo zabo; uSimakade akabemukelanga. Manje uyakukhumbula isiphambeko sabo, abajezisele izono zabo.”


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Umphefumulo owonayo uyakufa. Indodana ayiyukukuthwala ukona kukayise, noyise akayukukuthwala ukona kwendodana. Olungileyo uyakuphila ngokulunga, nowonayo uyakujeziselwa ukona kwakhe.


Imihlatshelo eyethulwa kimi bayayihlaba, badle inyama yayo, kodwa uSimakade akayithokozeli. Manje uyasikhumbula isiphabheko sabo, abajezise ngezono zabo, babuyele eGibhithe.


“Aniwudlelanga ngani umnikelo wesono endaweni engcwele na? Ungcwelengcwele, futhi uSimakade uwunike nina ukuze nisuse ububi benhlangano, niyenzele ukubuyisana phambi kukaSimakade.


U-Aroni wathi kuMose: “Uyabona, namuhla banikele ngomnikelo wabo wesono nangowokushiswa phambi kukaSimakade, nokho mina ngehlelwe yilokhu. Uma bengiwudlile umnikelo wesono namuhla, bekuzakwamukeleka yini emehlweni kaSimakade na?”


“ ‘Zonke izilwane ezinwabuzelayo emhlabeni ziyisinengiso; azinakudliwa.


Kepha uma engazihlanzi, engawugezi umzimba wakhe, uyothwala ububi bakhe.’ ”


“ ‘Lapho ninikela ngomhlatshelo wokuthula kuSimakade, niyowunikela ngendlela eyokwenza namukeleke.


“ ‘Uma umuntu eyothatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bayo, nayo ibone ubunqunu bakhe, kuyihlazo lokho; bayakunqunywa phambi kwabantu bakubo, ngokuba embulile ubunqunu bukadadewabo, uyothwala icala lakhe.


“ ‘Ungabembuli ubunqunu bukanyokokazi, noma obukayihlokazi, ngoba uyobe unqunise isihlobo sakho; bayojeziswa.


bazenze babe necala lokudla izinto ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”


Inkunzi noma imvu enesitho eside kunezinye noma enesitho esincane, ninganikela ngayo ibe ngumnikelo wesihle, kodwa uma kungowesifungo awuyukwamukeleka.


Aniyukwemukela lutho esandleni sowezizwe, bese ninikela ngakho kube yisinkwa sikaNkulunkulu wenu, ngokuba kunikelwe kunokungcola kukho, ngakho-ke akuyukwemukeleka.’ ”


“Uma umuntu ona, enza noma yini ephambene nemiyalo uSimakade aniyale ngayo ukuthi mayingenziwa, noma ebengazi, uyoba necala, futhi alithwale icala lakhe.


“ ‘Inyama eyothintana nokungcolileyo ayiyukudliwa; iyakushiswa emlilweni, nokho enye inyama bangayidla bonke abahlambulukileyo.


Impela noma ninganikela kimi ngeminikelo yokushiswa neyokusanhlamvu, ngeke ngiyamukele; ngiyoyishaya indiva iminikelo yenu yokuthula yamathole akhuluphalisiweyo.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Niyasho futhi nithi: ‘Saze sakhathala bo! qede nilinximfele,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. “Niletha izilwane ezebiwe, eziqhugayo nezigulayo, nethule umnikelo, ngiyakukwemukela yini lokho esandleni senu na?” kusho uSimakade.


Umnikelo wenu uyakubalelwa kini, njengokusanhlamvu kwesibuya nanjengokugcwala kwesikhamo sewayini.


Wayesethi kubo: “Nina nizenza abalungileyo phambi kwabantu, kodwa uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okutuseka kakhulu kubantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Wasemukela isibonakaliso sokusoka saba luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubo,


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ