Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




ULevitikusi 6:20 - IsiZulu 2020

20 “Lona ngumnikelo u-Aroni namadodana akhe abayakuwunikela kuSimakade mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo ojwayelekile; ingxenye yawo ekuseni nengxenye yawo kusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 “Nanku umnikelo ka-Aroni nowamadodana akhe abayakunikela ngawo kuJehova mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu njalonjalo, inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho kusihlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Lona ngumnikelo ka-Aroni namadodana akhe okufanele bawulethe kuJehova ngosuku egcotshwa ngalo; okweshumi kwe-efa lempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wokudla waphakade, inxenye yakho ekuseni nenxenye yakho ebusuku.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




ULevitikusi 6:20
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ukusiza futhi nangezinkwa zokubukwa, impuphu ecolisekileyo yomnikelo wempuphu, amaqebelengwane angenamvubelo, okuphekwe ngamabhodwe, okuxutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;


isinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, ukwenze ngempuphu kakolo ecolisekileyo.


Umnikelo wokusanhlamvu uyoba ngokubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, exutshwe namafutha, umnikelo womlilo kuSimakade, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wokuphuzwayo uyoba ngokwesine kwehini lewayini.


“ ‘Uma umuntu ebiziwe ukuba ethule ubufakazi obufungelwe ngalokho akuzwile, athi noma ekwazi ukubethula ubufakazi njengomuntu obonile noma olwaziyo udaba, kodwa athule angakhulumi, lowo uyothwala icala.


“ ‘Kepha uma engenamandla okuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, maqondana nesono sakhe, uyoletha okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wesono, akayukuthela mafutha phezu kwalo, futhi akayukubeka nhlaka phezu kwalo, ngokuba lingumnikelo wesono.


Uyokhumula izembatho zakhe, agqoke ezinye bese ekhiphela umlotha ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo.


Lo ngumnikelo oyoshiswa njalo ngeSabatha, wengeze phezu komnikelo wokushiswa wemihla ngemihla nowokuphuzwayo ohambisana nawo.


Uyothi kubo: ‘Nanku umnikelo womlilo eniyonikela ngawo kuSimakade: izimvu ezimbili ezingamaduna ezinonyaka ezingenasici, njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke.


“U-Eleyazare, indodana ka-Aroni umphristi, uyakulungisa amafutha okukhanyisa impepho ethaphukayo, umnikelo wokusanhlamvu wemihla ngemihla, namafutha okugcoba futhi anakekele ithabanakeli lonke nakho konke okukulo; indawo engcwele nempahla yayo.”


Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu okhethwa kubantu, umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;


Akadingi, njengabanye abaphristi abakhulu, ukuba imihla ngemihla anikele ngemihlatshelo ngenxa yezono zakhe kuqala, bese kuba ngenxa yezabantu, ngokuba wakwenza lokho kwaba kanye mhla ezinikela Yena.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ